UNcikazi uthi ngeke bayiyele ngobuso i-Al Ahli yize beyishayele ekhaya

UNcikazi uthi ngeke bayibhayizele i-Al Ahli yize beyishayele ekhaya
OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates izibeke ethubeni elihle lokudlala kowamanqamu kwiCaf Confederation Cup la ingase ihlangane khona nezinkunzi zaseCongo DR iTP Mazembe.

Leli qembu laseSoweto ligile izimanga lishayela i-Al Ahli Tripoli yaseLibya ekhaya ngeSonto kusihlwa ngamagoli amabili ka-Innocent Maela noGoodman Mosele.

Lokhu kuyibeke endaweni enhle kakhulu ngoba ekhaya seyidinga ukudlala ngokulingana ukuze idlulele kowamanqamu.

IMazembe yona ishaye iRS Berkane ngo 1-0 ekhaya kanti isethubeni njengoba iya ekuhambeni nje emlenzeni wesibili la nayo idinga ukudlala ngokulingana kuphela.

Umqeqeshi wePirates uMandla Ncikazi uthi njengoba nabo bekwazile ukuwina ekuhambeni, ne-Al Ahli ingakwenza lokho uma seyise-Orlando uma bezoyithatha kancane.

“Besidlalala neqembu elihle kakhulu… Leli qembu leTripoli lihleleke kahle ngokwamacebo okudlala,” kusho uNcikazi.

“Bayakwazi ukudlala baqonde ngqo kuwe kanti banekhono lokudlula nakubadlali ngomjiko. Kodwa kumele ngincome abadlali bethu.

“Bazinikelile, badlala ngendlela ebesihlele ngayo. Kumele sincome nabaphathi beqembu ngokusihlelela zonke izinto ngendlela.

FUNDA NALA: Cishe seliyiphunyukile iChiefs iqatha lemidlalo yeCaf

“Baningi abantu okumele sibabonge, kodwa okujabulisa kakhulu nokwenza siziqhenye wukuthi iqembu likwazile ukuwina ekuhambeni. Bekubalulekile ukuthi sishaye igoli, sithole nomphumela omuhle.”

Ube esekuveza ukuthi lo mphumela ngeke bawuvumele ubaxhophe, ubakhohlise bacabange ukuthi umsebenzi sewufeziwe.

“Umdlalo awukapheli, kusaphele isiwombe sokuqala. Sihamba phambili kodwa asikawini. Uma sesisekhaya nabo bengakwenza lokhu esikwenze lapha kubo.

“Sizoqikelela kakhulu, kubalulekile ukuthi sihlale sikhumbula ukuthi ebholeni lamazwe ngamazwe igoli lasekuhambeni libalulekile.

“Sizowudlala kube sengathi zisabambene ngo 0-0, sibahloniphe ngoba bayiqembu elihle bese sizama ukudlulela esigabeni esilandelayo.

“Ngeke sijike izinto ngokuthi kube khona la sixegisa khona. Sizozilungiselela ukubhekana neqembu eliqinile,” kusho uNcikazi

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.