UNcikazi uxolise kwabePirates, wagadla kuMokwena weSundowns

UNcikazi uxolise kwabePirates, wagadla kuMokwena weSundowns
UMandla Ncikazi
OkaDonga Gumbi 

UMandla Ncikazi uvele wagigiyela, wabhuqa wena owabona umfazi ogane esithenjini ngesikhathi exolisa ngenkulumo yakhe asanda kuyenza.

Lo mqeqeshi we-Orlando Pirates wazidonsela amanzi ngomsele ngesikhathi ephawula ngokuthi yini engenziwa ukunqanda ukuzitamuzela kweMamelodi Sundowns emaqenjini akuleli.

Wathi kumele inqindwe amandla, ikalelwe imali engayisebenzisa ukuthenga nokuholela abadlali.

Wabe eseqhubeka ethi kufana nokuthi iSundowns yna ithenga eWoolworths, okuyisitolo somntakabani bona bebe bethenga ePick and Pay naseCheckers.

Le nkulumo yabo yalumela kwabaningi kwiPirates ngoba yayibonakala ichaza ukuthi leli qembu liwola uvucu lona aluthengi abadlali abasezingeni.

UNcikazi ube esexolisa ngesikhathi ekhuluma noThabiso Mosia weSAfm ngoLwesibili kusihlwa, kodwa wabe esethatha ithuba lokugadla kuRulani Mokwena weSundowns.

“Awuthi ngebe leli thuba ngixolise ngokusebenzisa amagama angafanele… ngisho le ndaba yokuthenga eWoolworths,” kusho yena.

“Ngifuna ukuxolisa kubalandeli be-Orlando Pirates, ngiyabahlonipha kakhulu. Sengikuxoxile lokhu nabadlali, futhi bayakuqonda ukuthi ngangingaqondile ukudelela bona.

“Mhlawumbe kwabe sekwenziwa ihaba. Ngangiphendula umbuzo wokuthi igebe lingavalwa kanjani, mina ngayibuka ngeso lokuthi kumele inqindwe ekusebenziseni imali.

“Ngangiyibuka ngeso lokuthi ngenxa yeCovid-19 amanye amaqembu ahluleka ngisho ukuholela abadlali, ekubeni amanye engaphazamisekile nakancane.

“Mhlawumbe indlela engabeka ngayo yabhimba… Ngiyaxolisa kubalandeli be-Orlando Pirates uma kwabaphatha kabi ngoba ngiyabahlonipha.

FUNDA NALA: IChippa nayo seyigaxele ogibeni olwakhubaza iChiefs lokuvalwa ukusayina abadlali

“Angifuni ukuqhubeka nalolu daba ngoba vele namanye amaqembu asephawulile. Mhlawumbe ukube bekungomunye umuntu (owaphawula) ngabe ngiyaqhubeka nalo.

“Manje lo owaphendula, angifuni ukukhipha amagama abantu, kodwa akungithusanga ngoba vele akukho okuhle angakusho ngami noma ngePirates.

“Ngakho kungcono ngingasho lutho ngiyiyeke lento yenzeke ngendlela afisa ngayo,” kuchaza uNcikazi.

Ecindezelwa ukuthi avume ukuthi ngabe uqonde uMokwena njengoba kunguye vele owaphawula ngendaba yokuthenga eWoolworths, ube esecasha ngesithupha.

“Angifuni ukukhuluma ngalokho, kodwa njengoba ngisho vele bengingeke ngilindele okwehlukile kunalokhu akushilo kuye. Lokho akusho kuveza into ayicabangayo ngami nePirates.”

Ephawula ngalento, uMokwena wathi: “Mina into enkulu la wukuthi uthini kubadlali be-Orlando Pirates? Ngiyabazi abadlai bePirates ngoba ngike ngasebenza nabo.

“Angifuni ukukhuluma kakhulu. Angifuni ukungena keleyo mpi. Yinto okungelula ukuthi uyisho, kodwa ke angazi ukuthi yena uyihluze kanjani.

“Mhlawumbe abezindaba okumele bayihlaziye le nkulumo yakhe. Kodwa angazi ukuthi uyithatha kanjani uma ungumdlali wePirates.

“Ngiyabazi labaya bafana nokuthi bazwela kanjani. ANgifuni ukugxila kukho, uMandla okumele ayichaze kahle lento yakhe.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.