UNcikazi uyanconcoza kubuya uLorch, isikhiye abebeshoda ngaso

UNcikazi uyanconcoza kubuya uLorch, isikhiye abebeshoda ngaso
UThembinkosi Lorch
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ubonakale ngisho ebusweni ukuthi uthokozile umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi ngesikhathi ekhuluma ngokubuya kukaThembinkosi Lorch.

ULorch ubesehlale isikhathi eside engadlali kwiPirates kulandela ukulimala ehlombe.

Nokho ubonakale okokuqala enkundleni ngesikhathi iPirates ibambana naMaZulu ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu kusihlwa.

Yize engakwazanga ukusiza iPirates ithole igoli lokuwina kulo mdlalo, kodwa uLorch ungene kwacaca.

Yingankho ke esale enconcoza uNcikazi ethi mhlawumbe sebesitholile isikhiye abebeshoda ngaso eqenjini.

“Ngijabule kakhulu,” kusho lo mqeqeshi obekwiGolden Arrows ngesizini edlule.

“Silibonile izinga lakhe ngebhola lakhe lokuqala nje aliphasile, ebekela uHotto ithuba lokushaya igoli nalelithuba elimhlulile ngasekugcineni.

“Kodwa okubaluleke kakhulu wukuthi sikwazile ukumbuyisela enkundleni.

“ULorch usezingeni eliphezulu, futhi nginethemba lokuthi uma edlala kanje emdlalweni wakhe wokuqala ebuya ekulimaleni kusho kuningi okuhle okuzayo.

FUNDA NALA: UMcCarthy uncengela iChiefs ukuba ixegiselwe isigwebo ngokulova 

“Sengifisa ukuthi akhule ukusuka lapha ukuze asize iqembu ngalokhu esibona ukuthi yikho osekushoda – amagoli.

“Sidlala ibhola elihle nelihehayo kodwa mhlawumbe sesishoda ngoLorch nje ukuthi aqedele umsebenzi (ngokushaya amagoli),” kusho uNcikazi.

Njengoba kulokhu bemnike imizuzu engamashumi kuphela uLorch, kufanele ukuthi bazomnika esithe xaxa emdlalweni olandelayo.

IPirates izobhekana neTS Galaxy e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.