UNcita uthi singqinyuzwe ngomlalisa phansi isibhakela kushona uLedwaba

UNcita uthi singqinyuzwe ngomlalisa phansi isibhakela kushona uLedwaba
ULehlohonolo Ledwaba noManny Pacquiao
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UWelcome Ncita, owayengumshayisibhakela odumile eNingizimu Afrika, ukhala ezimathonsi ngokudlula emhlabeni kukaLehlohonolo “Hands of Stone” Ledwaba.

Lo mshayisibhakela owayengumpetha wakuleli esisindweni se-junior featherweight, unqotshwe yiCoronavirus ngoLwesihlanu. ULedwaba, obezohlanganisa iminyaka engu-50 ngoJulayi 27, uke wawina isicoco se-International Boxing Federation (IBF) esidindweni se-junior featherweight.

Ulahlekelwe yibhande le-IBF ngo-2001 ngemuva kokushaywa yinkunzi eyaziwayo kwezamanqindi emhlabeni, uManny Pacquiao, eselivikela okwesithupha. Wayekade eliwine ngokwehlula uJohn Michael Johnson ngoMeyi 1999.

“Silahlekelwe kakhulu isibhakela, ikakhulukazi inhlangano yama-amesha abengomunye wabasunguli bayo, iSouth African Boxing Federation (Sabof). Usishiye lapho sisabuka ngokujabula umsebenzi wakhe omuhle wokusiza emphakathini, esebenzisa umdlalo owamenza waziwa waphinde wathandwa yiwo wonke umuntu.

“Ubezama ukukhulisa oLedwaba abasebancane abebefuna ukufana naye,” kusho uNcita owayengumpetha we-IBF esisindweni se-super bantamweight.

“Ubedlala indima enkulu kulokho, ikakhulukazi ekuqinisekiseni ukuthi intsha iyaqhelelana nezidakamizwa, okuyinkinga ebhekene nemiphakathi yethu.

FUNDA NALA: IPirates ihloma ngezibabuli zabadlali, kodwa ayicacisi ngomqeqeshi

“ICovid-19 ikhona ngempela ngakho kumele bazivikele ngaso sonke isikhathi abezamankomane. Sisempini enzima la.”

ULedwaba, ongowokuzalwa eSoweto, wawina izimpi eziwu-36, kanti eziwu-23 zazo wazinqoba ngomngqimuzo womlalisa phansi. Wehlulwa kweziyisithupha kwathi eyodwa wayilwa ngokulingana.

Uke wawina neWorld Boxing Union (WBU) esisindweni se-bantamweight nakwi-featherweight. ULedwaba ungumuntu wesibili oxhumene nesibhakela ukudlula emhlabeni ngenxa yeCovid-19 esikhathini esingaphansi kwenyanga. UNeville Scholtz, obememezela eringini, udlule emhlabeni ngoMeyi.

UPacquiao naye ubhonge emswaneni, ekhala ngokuthi isibhakela silahlekelwe kakhulu ngokushona kukaLedwaba.

“Kubuhlungu ukuzwa ngokushona kukaLehlo Ledwaba! Ubengumpetha wempela ngezinto abezenza eseringini noma engaphandle kwayo. Ushiye umlando omuhle kakhulu. Uphumule ngoxolo mpetha!,” ubhale kanje uPacman kwiTwitter.

Imininingwane mayelana nokuthi uzofihlwa nini uLedwaba ibingakaqhamuki kodwa impempe.com izolokhu izama ukuthi konke ukuze ibikele abafundi bayo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.