UNcobo unethemba lokuthi bazobuya bengcono onompempe abamisiwe

UNcobo unethemba lokuthi bazobuya bengcono onompempe abamisiwe
UJelly Chavani
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukushaya udaka konompempe emidlalweni yeDStv Premiership kwenza kube nenqwaba yemibuzo mayelana nolwazi abanalo lokuphatha imidlalo emikhulu.

Muva nje, uJelly Chavani noMokoetsi Molelekoa basanda kumiswa ekudlaliseni kwiPremiership amasonto ayisithupha.

Lokhu kulandela ukuthi uChavani ekhombe iphenathi emlotheni kungafanele ngesikhathi AmaZulu FC ebhekene neKaizer Chiefs ngempelasonto edlule.

Lesi sinqumo senze ukuthi kube nokukhuluma okukhulu kubalandeli bakanobhutshuzwayo kuleli, ngoba ibhola labukeka lingashayanga engalweni kumdlali woSuthu.

Empeleni umdlali owabukeka ethinte ibhola ngesandla uLebogang Manyama weChiefs okuyiyona eyayihlasela.

U-Andile “Ace” Ncobo, owaziwa njengomunye wonompempe ababehamba phambili kuleli, uzwakale engalilahlile ithemba ngokuthi isimo sizolunga konompempe.

“Onompempe asisavele sibamise nje. Esikwenzayo ukuthi siphinde sizame ukubakhulisa, bayodlalisa kumaligi aphansi lapho ingekho khona ingcindezi enkulu,” kusho uNcobo.

“Kubalulekile ukuthi baqhubeke badlalise bathole imidlalo abazoyiphatha, okuyinto engenzeki uma bezomiswa nje bangadlalisi nhlobo.”

Umbuzo omkhulu mayelana nokwenza lokhu ukuthi ngabe onompempe babuya bengabantu abangcono yini ngemuva kokwehliselwa kumaligi aphansi?

UNcobo ucabanga ukuthi kuyawenza umehluko. “Ngicabanga ukuthi lokhu kuyasebenza njengoba sesikuqalile,” kusho yena.

FUNDA NALA: Ukhonjwe indlela uMIgne kwiMarumo Gallants

Kunalabo abacabanga ukuthi onompempe kumele baqale ukuqeqeshwa emazingeni aphansi kakhulu, ukuze bathi beqambe befika ezingeni eliphezulu babe sebenamava abawadingayo.

Okuphoxayo ngabanye onompempe ukuthi bayaqhubeka nokwenza amaphutha afanayo, nokushayisa amakhala ukuthi lokhu kuhlawuliswa kwabo ngabe kuyasebenza yini.

“ISafa iyazama ukucija onompempe emazingeni aphansi, ngeke ngiqambe amanga ngalokho,” kuphetha uNcobo.
Okuhlupha abantu abaningi mayelana namaphutha onompempe ukuthi izinqumo abasuke bezithathe ‘ngephutha’ azibe zisabuyela emuva.

Uma iqembu lilahlekelwe amaphuzu ngenxa yephutha likanompempe, awabuyi (amaphuzu) ngoba nakhu esemisiwe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.