UNcobo ushaywe amahloni ngamaphutha onompempe kwiMTN8

UNcobo ushaywe amahloni ngamaphutha onompempe kwiMTN8
UVictor Gomes
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

U-Ace Ncobo owayengunompempe kwiPremier Soccer League (PSL) useveze umbono wakhe ngomsebenzi wonompempe kwiMTN8 ngempelasonto edlule.

Ezinye zezinqumo zonompempe kule midlalo obekungeyokuqala yesizini, zishiye abalandeli abaningi bengakholwa futhi bemangele.

NgoMgqibelo emdlalweni la i-Orlando Pirates ihlulwe khona yiSwallows FC, unompempe waphikela iDube Birds igoli elihle.

Wathi uKeletso Makgalwa ubesendaweni engamfanele kodwa kwavela ukuthi kwakungenjalo kodwa umuntu owayesendaweni engamfanele uRuzaigh Gamildien.

UGamildien wazibona ukuthi usephume iqhuze yedwa, wabaleka esuka ngala kuya ngakhona ibhola, kodwa unompempe walinqaba igoli.

Kodwa kube yingeSonto la kuqhamuke khona izikhalazo eziningi emdlaweni obuphethwe ngunompempe othenjiwe uVictor Gomes.

Kulo mdlalo bekugadulisana iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs. UGomes uncishe iSundowns iphenathi ecacile.

Lokhu bekungemuva kokuthi uCole Alexander edlale ibhola ngesamdla engaphakathi ebhokisini leChiefs kodwa uGomes wathi akuyona iphenathi akuqhubeke umdlalo.

Akugcinanga lapho ukukhala njengoba kuthe noma sekukhahlelwa amaphenathi kwaqubuka ezinye izikhalo eziningi.

Kuqale ngo-Itumeleng Khune. Lo nozinti uchithe ibhola le phenathi ebishaywe uLyle Lakay seliweqile umugqa kodwa onompempe abangabona.

UNcobo uthi inkinga kube wukuthi uZakhele Siwela, ongumsizi wonompempe othenjiwe, ubeme endaweni engamfanele ukuthi abone kahle.

“Bekumangaza okwenzekile futhi ngeke sikubalekele ukugxekwa konompempe,” kusho uNcobo kwiSAfm ngoMsombuluko ebusuku.

FUNDA NALA: Owayengunompepe kwiPSL ususe umsindo ekhala ngamaqembu athenga impumelelo

“Uma wake waba ngunompempe uyohlale unguye futhi sonke siphoxekile ngendlela abasebenze ngayo onompempe ngempelasonto.

“Kule phenathi eyeqe umugqa wegoli kodwa ayangabalwa, indawo abemi kuyo umsizi kanompempe iyona ebingalungile.

“Unyawo lwakhe lwesokudla belusemgqeni wegoli okusho ukuthi amehlo akhe abebheke ngaphakathi enkundleni.

“Lokhu kusho ukuthi ubengeke abone ukuthi ibhola liweqile umugqa,” kucacisa uNcobo osesebenza kwiSuperSport TV njengomhlaziyi.

Kube nokukhala nangendlela unozinti weSundowns, uKennedy Mweene, abesheshe asuke ngayo kulayini wakhe uma ezovimba iphenathi.

Uvimbe amane okusize iSundowns iwine ngo 2-1 kulo mdlalo. UNcobo akasoli kakhulu kulokhu, uthe iyodwa obekumele iphindwe.

“UMweene uvimbe ngobuchule amaphenathi amane. Usebenzise igunya lokuthi ungaphuma kancane emgqeni wakho futhi kwamsebenzela.

“Kulawa amane awavimbile, iyodwa obekumele iphindwe.”

Uthe manje sekusele ekomidini elibhekelele ukusebenza konompempe kwiSafa ukuthi lenzenjani.

“Sekusele ekomidini leSafa elibuyekeza izinqumo zonompempe ukuthi lithathe izinqumo futhi lingazifihli lezi zinqumo.” Endabeni kaWendel Robinson, obephethe umakhalekhukhwini abebuka kuwo ukuthi kwenzekani uma sekuvezwa ngonyawo lonwabu, uthe lokhu akuvunyelwe enkundleni.

“Awukwazi ke ukuthi uzibhekele wena kanjalo sengathi uyiVAR,” kusho uNcobo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.