Uncoma impatho ngokudlula irekhodi lamagoli kuMatsatsantsa uGrobler

Sihle Ndlovu

UBradley Grobler, ongumgadli weSuperSport United, ungomunye walabo abayithethisa kalula inethi selokhu kuqale isizini ka-2020/2021.

Lo mgadli , oyindodana kaLes Grobler owayedlalela iMoroka Swallows, useshaye amagoli angu-10 emidlalweni yeDStv Premiership engu-10 kule sizini. Lokhu kumenza kube nguyena ozihola phambili ngokuhlohlwa kwamagoli.

UGrobler uphinde wayibhakuzisa inethi bebhekene neBloemfontein Celtic emdlalweni wePremiership abawuwine ngo 2-1 ngoLwesithathu. Ukushaya kwakhe igoli kulo mdlalo kwenze wephula irekhodi leminyaka lika-Abram “Fire” Raselemane, ongasekho, owahlohla amagoli angu-57 esadlalela Amatsatsantsa a Pitori. UGrobler ubeseshaya igoli lika-58 egqoke imibala yeSuperSport.

“Umuzwa omuhle kakhulu lona, ngicabanga ukuthi ngesikhathi abantu bekhuluma ngamagoli angu-57 kwabukeka kukude kakhulu ngaleso sikhathi. Ngicabanga ukuthi ngase ngishoda ngamagoli ayisithupha ukuthi ngifike kuleli rekhodi. Kodwa ngemuva kokufica irekhodi ngesonto elidlule ngicabange ukuthi kuzoba nzima manje ukuthola igoli, ngidlule irekhodi,” kusho uGrobler.

“Nokho ngenhlanhla yami kwenzekile namuhla. Njengoba ngihlale ngisho uma ngihlohlwa imibuzo phambilini, iqembu lingiphetheka kahle kakhulu. Selingenzele lukhulu, lihlale nami ezikhathini ezinzima, ngilimele. Ngicabanga ukuthi lena yindlela yokubonga iqembu ngokungethemba kwalo. Yiqembu elihle kakhulu ngakho ngiyajabula ukuthi ngenze lokhu.”

UGrobler uzothola ithuba lokwandisa amagoli akhe uma iSuperSport isibhekene nabakhaya iMamelodi Sundowns emdlalweni wePremiership eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.