Uncoma izitobha ngokumvikela kubagadli abayingozi unozinti weTS Galaxy uMarlon Huegh

Unozinti weTS Galaxy, uMarlon Huegh

OKADONGA GUMBI

Ukungangenelwa goli emidlalweni emithathu kwemine edlule sekufake unozinti weTS Galaxy, uMarlon Heugh umdlandla wokuthi azikhandle ngokuphindiwe kwazise usanda kwelulama ekulimaleni.

UHuegh uthi yinto enkulu kunoma yimuphi unozinti ukuqeda umdlalo engazange alilande enethini ibhola.

“Ukungangenelwa goli kule midlalo emibili edlule kuyangikhuthaza kakhulu. Kungenza ngibone ukuthi ngisasezingeni elifanele futhi ngisawenza kahle umsebenzi wami,” kusho lo nozinti oneminyaka engu-30.

“Kodwa kumele ngincome izitobha ezisuke ziphambi kwami. Zisebenza kanzima ukuvimba abagadli ukuthi bangasondeli eduze kwami. Ibona abathwala kanzima kakhulu,” kuchaza uHuegh.

Uzobe efuna ukuphinde angangenelwa goli uHeugh uma iRockets seyibhekene neChippa United ePort Eizabeth emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama.

Kucishe kwaphela unyaka wonke uHeugh engabonakali enkundleni njengoba ebesalashwa kulandela ukulimala akuthola esadlala kwiHighlands Park nyakenye.

“Kumnamdi ukuthi sengibuyile futhi ngiyadlala. Bengingekho izinyanga eziyishumi zonke ngenxa yokulimala, manje sengibuyile futhi ngumuzwa omnandi lowo.

“Ngiyalijabulela futhi ngiyalibonga ithuba abaqeqeshi abanginike lona,” kusho yena. Uncome nokufika kuka-Owen Da Gama wathi kuvuselele umdlandla eqenjini.

“Ngicabanga ukuthi umehluko ngu-Owen,” usho kanje ebuzwa ngokujika kwezinto njengoba iqembu selenza kangconywana. IGalaxy isendaweni ka-11 njengamanje namaphuzu angu-15, futhi uma ingawina kwiChilli Boys ingazithola seyingaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi.

“U-Owen ufike nomfutho futhi sonke sesizimisela ngokuphindiwe. Isimo naseqenjini sijikile, wonke umuntu uyazikhandla ngoba ufuna ukungena eqenjini eliqala imidlalo.

“Wonke umdlali uyalwa futhi engafela khona enkundleni uma kudingeka lokho. Yiwona umehluko afike nawo lowo,” kuchaza uHeugh.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.