Uncoma ubuqhawe obukhonjiswe abadlali beBulls ishaya iSharks uJake White

Abadlali beBlue Bulls bejabulela indebe yeCurrie Cup abayinqobe ngoMgqibelo

MTHOKOZISI MNCUSENI

“Akekho umuntu othanda ibhola lombhoxo oyoke awukhohlwe lo mdlalo wamanqamu weCarling Currie Cup.”

Lawa ngamazwi kasomaqhinga weBlue Bulls uJake White awasho ngoMgqibelo eqeda kuqukula indebe yeCurrie Cup ayinqobe kwiCell C Sharks ngo 29-19 eLoftus Versveld, ePitoli.

UWhite ubekusho lokhu sakuncoma indlela womabili amaqembu enze ngayo izimo zingavumi kusukela kwi-Covid-19 edale ukuthi kungabinazihlwele, umbani obushaya kunyante igazi nokuduma kwezulu okusinqamule uhhafu isiwombe sokuqala nomdlalo nje ube namajika kwaze kwaba uyadlula esikhathini esejwayelekile.

“Akekho oyowukhohlwa lo mdlalo! Bekungekho balandeli ngenxa ye-Covid. Isimo sezulu besizenzela okwaso kodwa konke lokhu bekumele sikubeke eceleni sikhumbule ukuthi sisemdlalweni wamanqamu weCurrie Cup.

“Noma kanjani ngalezi zizathu lo mdlalo uyohlale ukhunjulwa njalo. Ngiyaziqhenya ngendlela esibambelele ngayo kunzima. Ngasekupheleni komdlalo sithole ithuba lokuwina kanti neSharks masinyane nje emuva kwalokho ithole iphenathi yayishweba okuzitolika ngokuthi bekunganqoba nanoma ubani,”

Ubachome uphaphe lwegwalagwala kodwa uWhite abadlali bakhe abaqale lo mdlalo ebhentshini. “Abadlali abaqhamuke ebhentshini bakhombise ngokusobala ukuthi yini okusuke kuthiwa yenze uma kuthiwa buka umdlalo uzongena ulungise lapho kuxega khona.

“Bonke bangene bafika bamelana kahle nobunzima nengcindezi yomdlalo. Kungenye yezinto ezingijabulise kakhulu kulo mdlalo ukubona ukuthi konke lokhu esisuke sikuhlela nabadlali kuyangena ezingqondweni zabo.”

Uyincomile neSharks ngendlela edlale ngayo wavuma futhi ukuthi inhlanhla ibe ngakubona lapha yize ekholelwa ekutheni iqembu elinqobile yilona vele ebelingcono.

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.