Uncoma ukufika kukaPapic ngokunqoba kwi-Arrows uSeema

ULehlohonolo Seema weBlack Leopards

MTHOKOZISI MNCUSENI

Usicacise sahlala obala isikhundla sikaKostadin Papic kwiBlack Leopards uLehlohonolo Seema oweqiwe injabulo benqoba kwiLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership wageqa amagula.

Amagoli amabili kaMohammed Anas awinise izivakashi ngo 2-1 ngoLwesibili eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

ILeopards obese kudlule imidlalo yeligi eyisithupha ilokhu ikhalile induku, ibe yiqembu lesibili ukushaya i-Arrows emdlalweni weligi kule sizini ilandela iCape Town City.

USeema ukholwa ukuthi ukubakhona kukaPapic kunomkhulu umthelela ekutheni izinto ziguquke ngoba akukho shintsho olutheni yena alwenziwe esikimini.

Ngesikhathi kuhamba uDylan Kerr isigubhukane emasontweni adlule uSeema ubekwe njengomqeqeshi kwiLeopards kodwa kwangacaca noma uthatha ngokugcwele kumbe ubambile.

Kuthe kusenjalo iLeopards yamemezela uPapic njengosomaqhinga wayo omusha ngenkontileka yeminyaka emibili.

Nokho uSeema ucacisile ukuthi yena noMorgan Shivhambu bahlalelwe ukuncela ulwazi kuPapic okunguyena ozoba yinhloko kodwa okumqoka ukuhlenga iqembu ezembeni.

“Uzobona uma sekulunge amaphepha akhe kuzocaca lapho esezibambele yena mathupha. Ngijabule kakhulu ngokuba seceleni kwakhe ngifunde konke okumele ngikufunde.

“Sisebenza kamnandi, siqeqesha abafana sibuye sihlale phansi sicubungule izinto mina noPapic. Akukho ukudideka ukuthi ubani kufanele enzeni.

“Akukho shintsho olwenziwe eqenjini (emdlalweni ne-Arrows) kodwa ukufika kwakhe nje kube nomehluko omkhulu. Uma sekulunge amaphepha akhe uyena ozoba ngumqeqeshi angihole mina noMorgan siqinisekise ukuthi iqembu alidliwa izembe,” kusho uSeema.

Ubajabulele kakhulu abadlali ngalo mphumela ngoba uzobakhumbuza ukuthi kumnandi kanjani enhliziweni uma unqobile.

“Mhlawumbe bazokhumbula abadlali ngobumnandi bokunqoba. Ngibajabule kakhulu ngoba ngiyazi ukuthi njengoba izinto bezibheda, bekungekhona ukuthi abawufaki ngokwanele umfutho.

“Maningi amaqembu eze la kwi-Arrows afike ahluleka ukunqoba kodwa bona bakwenzile lokhu. Kuwubufakazi bokuthi basebenza ngokuzikhandla kangakanani.

“Ngiyathemba ukuthi lesi yisiqalo sezinto ezinhle kodwa ngisakhala ngokuvumela amaqembu ukuthi athole amagoli alula uma ebhekene nathi,” kusonga uSeema.

Email: mthokozisi@impempe.com

Twitter: @MthokozMncuseni

Leave a Reply

Your email address will not be published.