Uncoma ukuheleza komoya wenkululeko kwiChiefs ngokushaya amagoli amathathu

Lebogang Manyama Kaizer Chiefs
ULebogang Manyama nozakwabo uBernard Parker noNkosingiphile Ngcobo
UDABA: SIhle Ndlovu
ISITHOMBE: Facebook

ULebogang Manyama ube ngumdlali wokuqala weKaizer Chiefs ukushaya amagoli amathathu emdlalweni owodwa kule sizini yeDStv Premiership esongwayo ngempelasonto.

Lo mdlali uqulele phakathi amagoli amathathu beshaya iLamontville Golden Arrows ngo 3-2 emdlalweni weligi obudle ngokushuba eFNB Stadium, ngoLwesithathu. IChiefs ibikudinga kakhulu ukuwina lo mdlalo ngoba ibingaphephile ekutheni igcine idlala imidlalo yokuhlunga.

Ngakolunye uhlangothi izama ukuputshulukela ingene kwiTop 8. “Okokuqala into ebalulekile ukuthi siwinile. Ngijabulile nawe uyazi ukuthi kwenzekani eVillage (Naturena) uma umoya ohelezayo umuhle. Ngicabanga ukuthi kube yisiqalo esihle kakhulu kithi ukuthola iwini,” kusho uManyama.

“Ukushaya amagoli amathathu kuleli qembu elinomlando kangaka, yinto enkulu kakhulu kimi. Akubona bonke abadlali abenza lokho ngakho ngizizwa ngijabule ukuba yingxenye yalokho, ngethemba ukuthi ngizokwazi ukushaya amanye,” kusho lo mdlali odabuka eTembisa.

“Kuyinto oyohlale uyikhumbula njalo
ukubalwa nabadlali beChiefs abashaya
amagoli amathathu emdlalweni owodwa”

UManyama uyaziwa ngokuphasa kahle ibhola aphinde ashaye amagoli. Nokho akuvamisile ukuthi ashaye amagoli amathathu emdlalweni owodwa, naye uyakuvuma lokho.

“Ngiyawashaya kakhulu uma siziqeqesha (ehleka) kodwa emidlalweni ngicabanga ukuthi ngagcina ngesikhathi ngiqala kwi-Ajax (Cape Town) ngina-20 kuya ku-21, eminyakeni eyishumi noma engu-11 edlule. Kwaba yinto emnandi, kodwa ukwenza lokhu eqenjini elifana neKaizer Chiefs yinto enkulu.

“Kuyinto oyohlale uyikhumbula njalo ukubalwa nabadlali beChiefs abashaya amagoli amathathu emdlalweni owodwa,” kusho uManyama. “Nokho okubalulekile kube ngamagoli amathathu anike iqembu iwini ebaluleke kakhulu.

“Le wini iyakucacisa ukuthi sibheke kuphi nokuthi yini ephambi kwethu. Kodwa kumele uzehlise uzame ukuba ngcono. Uma ungashaya amagoli amathathu kuchaza ukuthi ungenza okukhulu kunalokhu.”

Njengamanje uManyama usenamagoli ayisishiyagalombili emidlalweni yeligi kanti kubhekeke ukuthi aphinde ashayele iqembu amagoli uma selibhekene neTS Galaxy emdlalweni wokuvala isizini.

“Ngihlale ngizama ukuzibeka endaweni lapho ngizothola khona ithuba. Kodwa kumele ngibonge abadlali abangakhela amathuba okushaya amagoli. Ngokujwayelekile yimina obehlale akha amagoli.

“Kodwa kumele ngibancome abadlali abangenza ngikwazi ukushaya amagoli. Ukusebenza njengeqembu hhayi ngawedwana,” kusho uManyama.

Ngabe ucabangani ngomdlalo wabo neTS Galaxy nokungena kwiTop 8? “Uma kuqala isizini udlalela iKaizer Chiefs, ufuna ukuba phezulu namaqembu aphezulu eMzansi. Nokho akuhambanga ngendlela ebesifuna ngayo.

“Umdlalo obaluleke kakhulu esizowudlala neTS Galaxy, sibe nenhlanhla ukuthi abawatholanga amaphuzu aphelele futhi sizodlala nabo emdlalweni olandelayo. Siyazi yini okumele siyenze… bayiqembu elinzima kakhulu ukudlala nalo,” kuphetha uManyama.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *