Uncoma ukukhula kwebhola kuleli uNdiaye weHoroya

Uncoma ukukhula kwebhola kuleli uNdiaye weHoroya
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weHoroya AC uMamadou Ndiaye uncoma ukudlondlobala kwamaqembu aseNinginzimu Afrika kwiCaf Champions League.

Ubalule lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaywe AmaZulu FC ngo 1-0 emdlalweni wamaqoqo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu ebusuku.

“Amaqembu aseNingizimu Afrika ayakhula kakhulu kulo mqhudelwano. Ngigcina ukuza lapha ngashaywa yiKaizer Chiefs, nakhu manje sesishaywa AmaZulu FC,” kusho uNdiaye.

“Ngicabanga ukuthi lokho kwenziwa yizo zonke izinto ezinhle abanazo eNingizimu Afrika. Lapha ngikhuluma ngezinkundla, izinto zokuziqeqesha nokunye.

“Bayakhula zonke izinsuku kulo mqhudelwano. IMamelodi Sundowns seyiwuwinile vele lo mqhudelwano. IChiefs ne-Orlando (Pirates) nabo sebeke badlala kweyamanqamu.

“Kule sizini mabili amaqembu akuleli asekhona kulo mqhudelwano okuchaza khona ukuthi bayakhula impela.”

Empeleni iPirates yilona iqembu lokuqala lakuleli ukuwina iChampions League ngo-1995. Lokhu kwaba nomthelela omkhulu ukuthi iBafana Bafana igcine iwine i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996.

FUNDA NALA: UDe Reuck uthi inobungozi yize ilula imidlalo yeChampions League

Mayelana nomdlalo uNdiaye uthe badlale kahle kodwa akujabulisi ukuthi abakwazanga ukuthola amaphuzu amathathu abebewabhekile.

“Ngiphoxekile kancane ngenxa yamaphutha esiwenzile emuva, sagcina sidedela igoli. Sizamile ukubuyela emdlalweni ngesiwombe sesibili kodwa besitatazela kakhulu.

“Ngiyawabongela AmaZulu ngokuwina lo mdlalo. Besifuna okungasenani ukuthola iphuzu kulo mdlalo obekuzoba yinto enkulu uma sesibuyela ekhaya. Nokho akwenzekanga lokho,” kubeka uNdiaye.

Igoli eliwinise AmaZulu lishaywe uLuvuyo Memela ngomzuzu ka-31. UNdiaye uncoma Usuthu nje belunamathuba okushaya amanye amagoli kodwa langawasebenzisa ngendlela.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.