Uncoma ukuzimisela kubadlali bePirates uTyson

Umbhali weBhola
Bonke abadlali be-Orlando Pirates bazimisele futhi sebewubheke ngabomvu umdlalo wabo wamanqamu kuMTN8 abazobe bebhekene kiwi neBloemfontein Celtic eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo kusihlwa.
EzikaMagebhula zibhekwe ngabomvu ukuthi zizokwqzi yini ukuqeda ishobolo leminyakanyaka lendlala yezindebe.
Sekuyiminyaka ecela kweyisikhombisa iPirates yagcina ukuqukula indebe kanti leli kubukeka kuyithuba elihle kakhulu kuyo.
“Ngasecaleni kubadlali, ukuzimisela kuhle kakhulu,” kusho uThulani Hlatshwayo ongukaputeni weZimnyama. “Siqeda ukubuya kojima nje futhi bekukuhle konke, besisebenza kanzima sihlela okumele sikwenze ngoMgqibelo.
“Sibe nanomhlangano nethimba labaqeqeshi lapho bebehlaziya indlela abadlala ngayo futhi besicebisa ngamasu okuthi singanqoba kanjani,” kuchaza le nsizwa eyaziwa nangelikaTyson.
UHlatshwayo uphinde wacacisa ngokuthi ngubani ukaputenihakathi kwakhe noHappy Jele, oseneminyaka ekuPirates.
“Into engiyaziyo le, futhi nomqeqeshi useke wayisho. Sonke eqenjini siyazi ukuthi uHappy Jele nguyena ukaputeni weqembu, uyena umholi. Mina anginankinga, ngizomvumela lube wuyena ophakamisa indebe (uma sinqobile),” kucacisa uTyson.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *