Uncoma umvuzo wokuzikhandla owaMaZulu

USiyethemba Sithebe waMaZulu FC

OKADONGA GUMBI
Umlando ubuwaphika AmaZulu FC ngesikhathi eya eThohoyandou la abeyobhekana khona neBlack Leopards emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ntambama. Kodwa Usuthu liwulobe kabusha umlando, lwaphuma newini okokuqala emva kwesikhathi eside luba nonyawo olubi uma luye eLimpopo.
Igoli likaSiyethemba Sithebe yilo eliqinisekise ukuthi Usuthu luyagxuma lweqa amaqembu amabili abengenhla kwalo lwaze lwayothi cababa endaweni yesithathu kwilogi. Luyalingana ngamaphuzu angu-37 neGolden Arrows esendaweni yesibili ngenxa yesibalo samagoli esingcono.
Lusele ngamaphuzu amathathu nje co ekutheni lusunduze iMamelodi Sundowns esicongweni seligi. Nokho iSundowns isenemidlalo emithathu eyigodlile njengoba isadlale engu-18, abanye sebenengu-21 ebhodini.
Ukaputeni weNyokan’eluhlazana, uMbongeni Gumede uthi okubabeke la bekhona njengamanje wukuzokhandla bedudulwa yisifiso sokunika abaphathi lokho abakucela ekuqaleni kwesizini.
“Ukuzikhandla kusukela kwafika umqeqeshi omusha nethimba lakhe sekuqalile ukuthela, siyasondela ekufezeni isifiso sabaphathi. Bacela ukuba siqede isizini sisemaqenjini amane aphezulu,” kusho uGumede ngemuva komdlalo wabo eLimpopo.
Uthe phambili bebejabula bagiye uma bekwazile ukubuya nephuzu eVenda kodwa kulokhu bebezitshele ukuthi bawafuna ephelele. Ngaphezu kwalokho nokho, bekuvele kunegqubu kwazise iLidoda Duvha yiyona eyabadunaza ibawashisa ijezi kwiNedbank Cup.
“Sisebenze kanzima ngoba ngisho umlando ubusiphika. Umlando uthi njalo uma size lana asibuyi simamatheka ngoba uma sibe nenhlanhla sibuya nephuzu. Kodwa namuhla besizimisele ukwenza kangcono, futhi saphumelela,” kuchaza uGumede ngemuva komdlalo ngeSonto.
Ukusuka eVenda, Usuthu luzolibangisa eKapa lapho luyoqhuthulana khona neStellenbosch FC ngoLwesihlanu kusihlwa. Uma lungaqhubeka nalo mgqigqo walo, lungazithola selusentanyeni kwiMasandawana.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.