Wenze okungajwayelekile uMalesela encoma ibhola elihle lezimbangi ezamxosha

UDan Malesela weChippa United

MTHOKOZISI MNCUSENI

Akawuvali umlomo ngendlela i-TS Galaxy elithinta ngayo umqeqeshi weChippa United, uDan “Dance” Malesela yize becazelane ngamaphuzu ngoMgqibelo emdlalweni weDStv Premiership obuseNelson Mandela Bay Stadium. Umdlalo uphele zibambene ngo 1-1 wamagoli okube amaphenathi ashaywe ngo-Andile Mbenyane (eyeChippa) noLindokuhle Mbatha (eyeGalaxy)

Bese kungokwesithathu iChippa iqeda umdlalo ingawinile kodwa lokhu akuzange kumvimbe uMalesela ukuthi achome uphaphe lwegwalagwala iGalaxy athi idlala ibhola okuyilona abantu baseMzansi abafuna ukulikhokhela imali.

Womabili la maqembu awazange agcine ngokushayana aze abukane kodwa ngokukaMalesela akhombise ngokusobala ukuthi yini okusuke kukhulunywa ngayo uma kuthiwa kudlalwa ibhola ngendlela efanele.

Akujwayelekile ukuthi umqeqeshi ancome ngale ndlela iqembu elisanda kumkhomba indlela kodwa abasondelene nobhutshuzwayo wakuleli bayazi ukuthi uDance uyilolu hlobo lomqeqeshi ozifela ngebhola (laseMansi) kuphela hhayi okunye.

“Ubunzima lokhu okwangempela lo mdlalo njengoba bengivele ngilindele. Sidlale kahle nokho kodwa kunezikhathi lapho besibuye sithambise khona obekunika iGalaxy ithuba lokudlala.

“Uma wenza lokho ubhekene neqembu elifana neGalaxy nakanjani uzothwala kanzima. Ngabe unamanga othi akazange awuthokozele lo mdlalo kwabawubukile kuthelevishini. Bekungancengwana!

“Zombili izinhlangothi zihlaselane ngakho konke ezinakho futhi zingaxhamazeli zidlala ngendlela vele okufanele kudlalwe ngayo ibhola lethu.

“Ibhola lethu lidinga imidlalo efana nale. Uma abadlali macala omabili bezikela ngakho konke, nakanjani iqophelo lePremier Soccer League (PSL) lizokhula okuyinto ezoheha abalandeli abangaphezulu kwalaba abakhona kanjalo nabaxhasi abasha.

“Uma wonke umuntu oxhumene nalo mdlalo wethu esiwuthandayo ezowenza ngendlela umsebenzi wakhe, nakanjani into esiyenzayo izobukeka iseqophelweni eliphezulu.

“Angikungabazi lokho… Ukuze ibhola lakuleli lifinyelele la sonke sifuna ukufika khona kumele kwande amaqembu azodlala njengathi neGalaxy.

“Kuwumsebenzi wethu sonke ukuthi siyimakethe i-PSL emhlabeni wonke jikelele. Uma sonke esithintekayo sizozihlupha ngokuthi ngabe umfutho wami (ngingedwa) wanele yini, nakanjani sizobalwa namanye amaligi aphezulu emhlabeni,” kusho lo mqeqeshi

UMalesela usanda kukhonjwa indlela kwiGalaxy indawo yakhe yathathwa ngu-Owen Da Gama olokhu eqhubeke njalo nokuqoqa imiphumela esiyenza abaningi balibuke ngelinye iso leli qembu likaTim Sukazi.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *