UNdah uncoma izinga lebhola kuleli, ufisa nezindebe kwiBucs

UNdah uncoma izinga lebhola kuleli, ufisa nezindebe kwiBucs
U-Olisa Ndah
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Kubadlali abasha ebholeni nasemaqenjini akuleli kule sizini u-Olisa Ndah we-Orlando Pirates nguyena osesheshe wakuveza ukuthi lihlabene leli qembu ngokumthola.

UNdah usadlale imidlalo embalwa kusukela esayine kwiPirates ekuqaleni kwesizini kodwa abalandeli sebeqalile ukuncoma ikhono lakhe.

Empeleni nje sekukhona nabamfanisa nenkakha yakuleli uMbulela Mabizela futhi bathi elakuleli kumele lisheshe limbambe limdlalise kwiBafana Bafana engaze abizwe yiSuper Eagles.

UNdah uthi kube lula kuye ukujwayela kuleli ngenxa yezinga eliphezulu lebhola elidlalwa lapha.

“Le ligi inabadlali abahle. Kuyasheshwa futhi kusetshenziswa namacebo kakhulu,”  kusho uNdah kwabe-webiste yePirates.

” Akubanga nzima kangako ukujwayela. Kusukela endleleni abaqeqeshi abafuna sidlale ngayo, kuya kule amanye amaqembu adlala ngayo…

“Akubanga neze nzima kimi ukuthi ngingene esitayeleni,”  kuchaza lesi sitobha esisuka kwi-Akwa United eNigeria.

UNdah, oneminyaka engu-23, uthi ufuna ukukhula eqenjini ukuze akwazi ukusiza ukubuyisa izinsuku zenjabulo kweZimnyama.

Ungomunye wabadlali abazobe bebhekiwe uma iBucs seyigadulisana neGolden Arrows kule mpelasonto.

Cishe nguye ozohola udonga lwasemuva uma abaqeqeshi benquma ukuphumuza uThulani Hlatshwayo owaba nomdlalo omubi behlulwa yiKaizer Chiefs muva nje.

FUNDA NALA: IGhana FA ihlekise ngeSafa emhlabeni ithi ayemukele ukwehluleka kweBafana

“Angazi lutho olutheni ngabo,” esho i-Arrows. ” Kodwa ngokwengisakubonile ngicabanga ukuthi bazozama ukusihlasela ngokusizuma.

” Ngiyacabanga bazozama nokuqala iminyakazo besuka emuva. Thina kuzomele sibacindezele phambili okuyinto esasisebenzela kahle.

“Ngihlale ngizama ukuziphucula ukuze kuzuze iqembu. Sidinga indebe noma ukuzuza okuthile ngoba sesiside isikhathi (kungawinwa lutho).

“Kumele silwele isicoco seligi. Kumele siqale kule mpelasonto ukuqongelela imiphumela emihle.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.