UNdengane ufuna iMaritzburg ivuke ngePirates

UNdengane ufuna iMaritzburg ivuke ngePirates
U-Alfred Ndengane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umdlali wasemuva weMaritburg United u-Alfred Ndengane uthi kumele bayikhombise i-Orlando Pirates ukuthi basekhaya uma sebebhekene nayo eHarry Gwala Stadium ngoLwesithathu.

Lamaqembu azokhiphana inkani emdlalweni weDStv Premiership kuyo le nkundla yodumo eMgungundlovu ngo 5.30 ntambama.

Womabili lamaqembu awayazi iwini emidlalweni yawo emibili edlule okuzokwenza alwele ukujika izinto.

IMaritzburg isendaweni ka-11 njengoba isaqoqe amaphuzu ayisithupha kuphela emidlalweni eyisithupha.

IPirates yona isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kanti uma ingawina ingagxumela kweyesihlanu.

“Kubalulekile ukuthi sikusebenzise ukuthi sisenkundleni yethu yasekhaya uma sesibhekene nePirates.

“Besilokhu sidlala kahle, yize imiphumela ingemihle, futhi ngethemba ukuthi izinto zizojika emdlalweni olandelayo.

“Sesiwubheke ngabomvu lo mdlalo ukuze sijike izinto,” usho kanje uNdengane owake wadlala nakuyo iPirates.

IMaritzburg ayizange idlale ngempelasonto kanti iPirates beyisekuhambeni eCongo la beyidlala khona kwiCAF Confederation Cup.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.