UNdiaye weHoroya uthi uluhlonze kahle Usuthu

UNdiaye weHoroya uthi uluhlonze kahle Usuthu
ULamine Ndiaye
Alfred Ngubane

Umqeqeshi weHoroya AC uLamine Ndiaye ongowokudabuka eSenegal uthi uwazi kahle AmaZulu FC bazobhekana nawo emdlalweni weCaf Champions League ngoLwesihlanu eThekwini.

UNdiaye uthi uwabuke kahle ngesikhathi edlala neTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo esigabeni esandulela lesi samaqoqo asebekuso manje.

Uthi uSuthu luyiqembu elibumbeke kahle futhi luqinile kakhulu kodwa bazozama ukuludidisa ukuze bazuze okuthile kulo mdlalo ozoba seMoses Mabhida Stadium.

“Bayiqembu elihle kakhulu futhi siyazi bazosithwalisa kanzima. Kodwa nathi ngeke sibavumele bazenzele umathanda nje,” kusho lo mqeqeshi waleli qembu laseGuinea.

UNdiaye unamava kule midlalo njengoba eke waba kwiMazembe phambilini aveze ukuthi ayifani neze neHoroya le asekuyo manje.

FUNDA NALA: UMulenga unxenxa ozakwabo ukuthi baqinise ukwenza uma besekhaya

Ube esebongela neqembu lesizwe lakubo eSenegal ngokunqoba indebe yalo yokuqala ye-Africa Cup of Nations eCameroon.

“Kusithathe iminyaka engu-60 ukuthi sigcine siyiwinile le ndebe futhi ngiyaziqhenya ngabakwenzile,” kusho uNdiaye.

Ukaputeni weHoroya uMandela Ocansey uthi badlalile namaqembu ehlukene aseNingizimu Africa okuyiMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates phambilini.

“Ukudlala nalamaqembu kwaba kuhle kakhulu namanje ukudlala naMazulu fc akuzohluka ngalutho.

“Sinomqeqeshi ongomunye wabaqeqeshi base-Afrika abahlonishwayo njengoba eseke wanqoba iChampions League, Super Cup, waphinda wahlulwa kowamanqamu kwiFifa Club World Cup (neTP Mazembe) phambilini,” kusho u-Ocansey.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.