UNdishi uvuke indlobane kwiMsinga United ephokophele kwesikhokhelayo

uNdishi
UNdish Ndlovu
Alfred Ngubane

Abawuvali umlomo abadlali boMsinga United edlala esigabeni se-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal ngoMmiseni “uNdishi” Ndlovu abathi usikhombisa obala isipiliyoni sokudlala kwiGladAfrica Championship.

Ngokusho komqeqeshi wonozinti kuleli qembu uNkosingiphile Zondi, nodlale noNdlovu isikhathi eside kwiNatal United, uthi ufike noshintsho olukhulu eqenjini.

“Abadlali abasebancane bakhombisa ukumthakasela ngoba ubafaka umoya wokunqoba nowobunye,” kusho uZondi .

UNdishi wagqama eqenjini leNatal United elahamba ibanga elide kwiNedbank Cup la lashaya khona amaqembu afana noJomo Cosmos neChippa United.

UNdlovu wabe esethathwa nguJomo Sono umnikazi weJomo Cosmos. Uphinde wadlalla nakwiReal Kings okwathi uma idayiswa waba nebhadi lokulimala okwehlisa izinga lakhe.

FUNDA NALA: OweChippa akafuni bazicindezele ngokucabanga okwenzeka nyakenye kwiNedbank Cup

Ngemuva kwalokho uvumbuke kwiSummuerfield Dynamos yaseThekwini njengoba manje esekhuze ibuya kwiMsinga United.

Leli qembu eliphekwa nguVela Ngubane lihlezi endaweni yesithathu kwilogi kanti uThobeka Mchunu olikhulumelayo uthi ayikho into abayibhekile ngaphandle kokudlalela ukungena emdlalweni yokuhlunga.

“Silwa ngawo wonke amandla. sesinekhaya elisha kwazise sesakhe indawo yokuhlala abadlali khona eMsinga.

“Leli yiphupho elidala likasihlalo ukuthi lithuthuke iqembi linyuke lize lifike kwiGladAfrica¬† Championship bese sibona ke ukusuka lapho kuyiwaphi,” kusho uThobeka.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.