UNdlanya akasiboni isidingo sezikhalo zabeChiefs ngomqeqeshi

UNdlanya akasiboni isidingo sezikhalo zabeChiefs ngomqeqeshi
UNjabulo Ngcobo
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

‘Kudingeka ushintsho nokwenza kangcono kwiKaizer Chiefs njengeqembu.’ Lokhu kushiwo uPollen “Trompies” Ndlanya owayengumgadli waleli qembu laseNaturena eminyakeni edlule.

Ukhuluma kanjena nje uNdlanya abalandeli beChiefs abeneme nakancane ngokuthi bashaywe yiMamelodi Sundowns ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto.

“Mhlawumbe abadlali beChiefs basazama ukuhlangana nokutholana kahle uma bedlala. Kumele sibanike ithuba sibone ukuthi kuzokwenzekani emidlalweni ezayo,” kusho uNdlanya.

“Nokho ngingakusho ukuthi ushintsho luyadingeka futhi uma kungenzeki lokho ngokushesha, izinto ngeke zihambe kahle. Idinga ukukubhula iChiefs.”

Kukhona abalandeli asebevele bashaya amakhala ngomqeqeshi uStuart Baxter. Laba balandeli bakhala ngokuthi kukhona abadlali abagquma ebhentshini kodwa ebona ukuthi izinto azihambi neze kahle.

Kulaba badlali kukhalwa ngokungadlaliswa kukaNjabulo Ngcobo, odlala emuva, noNKosingiphile Ngcobo, oyibamba kamnandi ngenxele esiswini.

“Ekugcineni singakhuluma size sikhihlize amagwebu kodwa konke kulele kumqeqeshi uStuart Baxter.

“Kumele simhloniphe umqeqeshi ngoba uyena onezwi lokugcina,” kubeka uNdlanya.

Le ngwazi ikholwa ukuthi akumele kuthathwe ngamawala njengamanje kodwa umehluko kumele ubonakale emidlalweni ezayo.

“Kuseva ukuthi sekungabanjwa kuyekwa, noma kuthathwe izinqumo ezinkulu. ISundowns iyiqembu elikhulu ngakho iChiefs ishaywe yiqembu elihle ngempelasonto.

“Ekugcineni kodwa iqembu kumele liqale ukuqoqa amaphuzu. Kuhle ukuqoqa amaphuzu kuseva. Imidlalo ezayo yeChiefs iyona ezocacisa indlela ebheke phambili.

FUNDA NALA: U-Akhona unxenxa abesifazane ukuba bangene ekushayeni impempe

“Akufanele sisheshe siphawule noma sinqume ukuthi kumele kwenzekeni imidlalo isephansi kangaka.

“Kodwa uma sekucaca ukuthi imidlalo iyahamba alukho ushintsho, yilapho kumele kuqale khona ukukhathazeka,” kuphetha uNdlanya.

Emidlalweni emine esidlalwe yiChiefs kule sizini isawine owodwa kuphela. Lowo mdlalo yilapho beyibhekene khona  neBaroka FC yawina ngo 2-1.

Kweminye imidlalo yeDStv Prmiership iChiefs idlale ngokulingana neTS Galaxy, yase ishaywa yiSundowns ngempelasonto.

AmaBrazilains iwona awashise iChiefs ijezi kwiMTN 8 sekukhahlelwa amaphenathi. NgoMgqibelo iChiefs izokwamukela iRoyal AM emdlalweni weligi eFNB Stadium ngo-5 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.