UNdlela usethole indlela yokufukula abasubathi basemakhaya

UNdlela usethole indlela yokufukula abasubathi basemakhaya
UMbongiseni Ndlela weBlack Diamond Running Club
Alfred Ngubane

Umengameli weBlack Diamond Athletics Club, uMbongiseni Ndlela uthi ucishe walivala leli qembu lakhe  phambilini kodwa wabuya washintsha umqondo.

Ngemuva kwalokho ulande uXolani Mabhida ongumqeqeshi ohlonishwayo emhlabeni wonke ngamagalelo akhe ukuba azocija abasubathi baleli qembu.

UNdlela uthi njengamanje iBlack Diamond isiqalile ukubona izithelo zalokhu njengoba uZukile ukwazile ukungena endaweni yesithathu ku-52 km e-East London.

U-Ayanda Ngcobo yena unqobe iHarry Gwala Marathon. UNdlela uveze ukuthi usazofukula abasubathi ezindaweni zasemakhaya njengoba yena ebona igolide labasubathi bamabanga amade.

“Izimo zangenza ngacabanga ukulivala leli qembu kodwa ngabuye ngaqhubeka nalo. Imiphumela isingenza ngibone ukuthi ngenza kahle ngaqhubeka.

“Inhloso manje sekuwukuthi ngiqinise umkhankaso wokuhlwaya ikhono ezindaweni zasemakhaya ngoba kunegolide labasubathi bamabanga amade khona,” kusho uNdlela.

Ungowokudabuka eNkandla futhi uthi yize ngokomsebenzi esegxile eThekwini, kodwa inhliziyo yakhe isekuthuthukiseni abasubathi abaphuma ezindaweni zasemakhaya.

Uphinde watshela iMpempe ukuthi abafana bakhe o-Ayanda noZukile bazohamba ngo-Agasti bayomela izwe lase eGermany kwiYouth Championships.

“Lokhu kuqokwa kwabo sekweze kwaba nesasa ngaphakathi enkambini yabasubathi bethu. Sifuna nokuvula umnyango kubasubathi besifazane.

FUNDA NALA: Umlando awakuleli amakhulu ecijwa bakuleli wonke

“Sizosebenzisana neXcel Running Club ngoba sinobudlelwane obuhle nayo. Sizohambela izindawo ezehlukene engingabala kuzo oJozini, Manguzi, Mhlabayalingana, Phongolo,  eMsinga naseMtshezi.”

Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini iXcel Running Club yakwazi ukuvundulula uSboniso Khumalo eMtshezi kwaHlathikhulu ngonyaka odlule. IBlack Diamond yona yavundulula uAyanda eMsinga noZukile eLusikisiki.

“Ngifuna ukusho ukuthi kusazoshuba njengoba silande uMabhida nje ngoba sifuna enze umsebenzi wokunqoba imijaho emkhulu yamabanga amade.”

Uphinde waveza ukuthi usezinhlelweni zokuvula isikhungo sokuthuthukisa abasubathi eNkandla.

Uthi kulokhu uzosebenzisana nezikole namaqembu amancane ezokusubatha ngaphansi komkhandlu waseKing Cetshwayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.