UNdongeni unikwe ithuba lokuvuka ngoPambeni

UNdongeni unikwe ithuba lokuvuka kwezokuhlipha intsha ka-76
UXolisani "Nomeva" Ndongeni
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kunesikhathi la uXolisani “Nomeva” Ndongeni ayebukeka ezoba yinsephe kwezamankomane kuleli. UNdongeni waqokwa waba ngumshayisibhakela ovelele ngo-2016. Kodwa ukuqunjwa kwakhe phansi nguDavid Haney empini yebhande leWBC ezingeni lamazwe ngamazwe ngo-2019 kwamdicilela phansi.

Nokho isineke sikaphromotha wakhe, uJoyce Kungwane weTLB Promotions, sesimenze waqala ukubuyela ezingeni okwakubonakala engagcina efike kulo.

UKungwane umqathe ngoMashi uNdongeni noBayson Gwayani waseMalawi empini eyayiseGraceland Casino eMpumalanga.

Yamthwalisa kanzima le nsizwa yaseMalawi kodwa wagcina ekwazile ukuyinqoba ngomlalisaphansi.

UKungwane usephinde wamnika elinye ithuba futhi uNdongeni njengoba kuzothi ngoMgqibelo ebusuku akhiphane inkani noPeter Pambeni.

Le mpi izoba seDonaldson Community Centre e-Orlando East. Leli hholo kwake kwaziqeqeshela kulo owayengumengameli wakuleli, uNelson Mandela ngesikhathi esengumshayisibhakela.

Funda nala: UMusona ushwebise awakuleli ebuyela phesheya

Akuyona impi elula lena kuNdongeni njengoba uPambeni waseZimbabwe ngoba akayona imbangi elula. Futhi uma engamhlula, engasibuyisa isithunzi sakhe bese mhlawumbe agcine ethole izimpi ezingcono.

Kwenye impi eyingxenye yalezi, uMatsidiso “The Tiger” Mokebisi uzofihlelana izinzipho noBonita Van Jaarsveldt. Laba bashayisibhakela besifazane bazolwa esisindweni se-lightweight kanti impi yabo izoba imizuliswano eyisishiyagalolunye. UMokebisi uthe usejahe ukungena eringini ukuze akhombise abantu ikhono lakhe.

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *