UNelukhau uchaza ngezamasosha azigqoke beshaya iSuperSport

'Isosha' leTshakhuma selifuna ukuqeqesha iChiefs, iPirates noma iBafana
ULucky Nelukau
OkaDonga Gumbi

Iqembu elidlala kwiGladAfrica Championship, iTshakhuma Tsha Madzibandila lithuse abaningi lishaya iSuperSport United ngoLwesihlanu kusihlwa.

Lokhu likwenze yize kad eselike lalandela ngemuva ngo 2-0 kulo mdlalo obusThohoyandou Stadium, lagcina liwine ngo 2-1 ukudlulela phambili kwiNedbank Cup.

Yize lokhu kwethuse abaningi, kodwa kube ngumqeqeshi walo uLucky Nelukau oshiye imilomo ingavaleki kwabaningi.

Kanti ke cha angungenxa yezinto azishilo njengoba ekubeke ngokuzethemba ukuthi bazoyidla le ndebe okufana nokuthi bangompetha bayo njengoba bayiwina ngesizini edlule.

FUNDA NALA: Ziyabhimba izinto koweSuperSport olengela ezembeni lokuxoshwa

Nokho babe sebedayisela iMarumo Gallants isitifiketi sabo okusho ukuthi yiyo evikela le ndebe kule sizini.

Kube ngenxa yendlela uNekukau nabasizi bakhe abebegqoke ngayo. Laba bebedlubhe umfaniswano wamasosha.   

Ebuzwa ngeFar Post ngalokhu, uNelukau: “Benginobhuti, cishe nani niyamazi igama lakhe bekungu-Arnold Mudau.

“Usanda kushona nje emavikini ambalwa edlule. Lokhu ngikwenzele yena. Le ndebe ngiyidlalela yena, Ubehlezi egqoke kanje.

“Uma uya udlula eLuis Trichardt eTshakhuma kunomuzi (opendwe) ngalo mbala wamasosha, kukwakhe lapho.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.