UNemasisi weJDR Stars uthi kuzocaca maduze ngombango weGladAfrica Championship

UJomo Sono noNditsheni Nemasisi bexhawulana ngaphambo komdlalo wabo eTskane Stadium

MTHOKOZISI MNCUSENI

Imidlalo emihlanu elandelayo yeligi kwiGladAfrica Championship iyona ezocacisa ukuthi yimaphi amaqembu asethubeni lesicoco kanjalo nalawo azodliwa yizembe ngokubona kukaNditsheni Nemasisi ongumqeqeshi nomnikazi weJDR Stars.

IJDR iyeke ithuba lokuqhwakela ngesikhathi ibambana neJomo Cosmos ngo 0-0 eTsakane Stadium ngoLwesithathu.

Lokhu kubeke iRichards Bay esicongweni njengoba sezimaphakathi nesizini yale ligi ekhipha umpetha oya lapho kunoju khona kwiDStv Premiership.

Ebuzwa ngebanga eselihanjiwe (kwisizini), beqeda ukudlala neCosmos uNemasisi ngoLwesithathu uthe: “Konke kuhleleka kamnandi ikakhulukazi uma ungumlandeli.

“Ngikholwa ukuthi imidlalo emihlanu elandelayo kusuka manje iyona ezocacisa okuningi ngale sizini. Kuhle nje ngoba umdlalo wethu olandelayo sizowudlala neRoyal AM esibanga nayo kanti izoza la kithi.

“Kuningi okusazokwenzeka,” kusho uNemasisi ejobelela ngokuthi basele ngamaphuzu amathathu kuya kwamahlanu esibalweni abebezibekele sona ukuthi bayobe sebekusona maphakathi nesizini.

Leli qembu libanga indawo yesibili neSekhukhune United neRoyal AM enqobe kwiBizana Pondo Chiefs khona ngoLwesithathu.

“Angikholwa ukuthi sidlale kahle la. Iqiniso ukuthi sibe nenhlanhla ukungangenelwa igoli esiwombeni sesibili. Ngineme ngendlela iqembu elidlala ngayo kodwa ngeke ngifihle ukuthi kukhona lapho singakhuphula khona amasokisi.

“Asikho lapho sifuna ukuba khona kodwa asikude kakhulu ngakho-ke ngeke ngidle amandla abafana ekubeni bezama ngakho konke abanakho,” kusonga lo mqeqeshi ngoLwesithathu.

IFree State Stars ishaye i-TS Sporting kwiwini okube iyona yodwa ngoLwesithathu kwathi Uthongathi FC nePolokwane City bashayana baze babukana ePrincess Magogo Stadium.

NgoLwesibili, iRichards Bay inyukele esicongweni yize idlale ngokulingana ekhaya neCape United.

Imiphumela:

NgoLwesibili: Pretoria Callies 0-1 Cape Town Spurs; Richards Bay 0-0 Cape United; Cape Town All Stars 1-0 Sekhukhune United.

NgoLwesithathu: Royal Am 1-0 Bizana Pondo Chiefs; Jomo Cosmos 0-0 JDR; Uthongathi 1-1 Polokwane City; TS Sporting 0-1 Fre State Stars; Steeenberg United 1-1 Pretoria University.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *