Unethemba lokuthi ngeke isaphuma emgqigqweni iGalaxy

Unethemba lokuthi ngeke isaphuma emgqigqweni iGalaxy
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic ukholwa wukuthi basemgudwini okahle njengoba sebethole iwini yabo yokuqala emidlalweni yeDStv Premiership.

Kuthe ngoLwesibili iRockets bashaya iBaroka FC ngo 2-1 yaqoqa amaphuzu amathathu okokuqala ngqa kule sizini.

Leli qembu likaTim Sukazi lidlala kahle kodwa emidlalweni edlule belihlulwa ukushaya amagoli bese lidedele emuva ikakhulukazi emizuzwini yokugcina.

Nokho kulokhu yilona elishaye igoli emizuzwini yokugcina laqinisekisa ukuthi lithola amaphuzu amathathu.

“Ngiyalijabulela kakhulu iqembu nabalandeli bethu. Siyabadinga abalandeli bethu ngoba baseseka kakhulu.

“Sisemgudwini okahle kodwa kumele senze kangcono. Sisenza amaphutha futhi lokhu kumele sikugweme,” kusho uRamovic.

“Kumele siqhubeke nomgqigqo wethu futhi ngiyethemba ukuthi siqinile ngokomqondo.

“Bekuyiwini yethu yokuqala kodwa kumele siqhubeke kanje.”

URamovic ufike izinto zingahambi kahle kwiRockets eze yaxosha u-Owen da Gama ngenxa yakho ukugqoza kwemiphumela.

Uncome abadlali bakhe ngokulwa bebhekene neBaroka.

“Sikhombise ukuba yiqembu eliqinile ngoba bashaye igoli sabuya salinganisa.

“Yinto engakholeki ukuthi iqembu lidlale kahle kanje futhi abadlali bayakholelwa kubona.

“Sineqembu elihle kakhulu nabadlali abahle kodwa kumele sisebenze kanzima ukwenza kangcono kunalokhu.”

FUNDA NALA: UZuma angase akhonjwe indlela kwiChiefs

Igoli eliwinise iGalaxy lishaywe nguMenzi Ndwandwe ongene esuka ebhentshini endaweni kakaputeni uMxolisi Macuphu.

“Sinabadlali abangu-25 abahle kakhulu. Bonke bajima kahle futhi benza izinto ngendlela efanele.

“Siyiqembu elikahle ngakho ngeke ngikhulume ngomdlali oyedwa.

“Ngijabule kodwa ngabo bonke abadlali abakwazi ukushaya amagoli.

“Sibadinga bonke ngobuningi babo. Sinabadlali abahle kakhulu kodwa okubalulekile ukuthi siqhubeke nomgqigqo esikuwona,” kuphetha uRamovic.

IGalaxy kuzomele izame ukuqoqa amaphuzu aphelele uma isibhekene neSuperSport United emdlalweni weligi eLucas Moripe Stadium ngo-5.30 ntambama.

AmaTsatsantsa a Pitori ashayela phansi kulezi zinsuku njengobaba eshaywe imidlalo emibili ilandelana.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.