Ungafunga ugudla Usuthu uma ethi ‘uhappy’ kwiChiefs uSithebe

USiyethemba Sithebe weKaizer Chiefs
Sihle Ndlovu

Ungafunga ukuthi uchomela abaphathi baMaZulu  FC uma egcizelela ukuthi weneme kangakanani kwiKaizer Chiefs  uSiyethemmba Sithebe.

Lo mdlali ufike kuMakhosi kubhekiwe ukuthi uzodlala  kanjani ngemuva kokuhlala izinyanga eziyisithupha engadlali kuSuthu. Phela kwaba nokungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nosihlalo woSuthu, uSandile Zungu, ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi wayesesayine inkontileka yesikhashana neChiefs.

Wayedinwe egane unwabu uZungu njengoba acashunwa ethu: “USiyethemba Sithebe ngeke aphinde abonakale egqoke ijezi laMaZulu.” Lokhu kwenzeka ngempela yize lo mdlali ayesazohlala izinyanga eziyisithupha kuleli qembu laseThekwini ukuhlonipha inkontileka yakhe.

USithebe ubukeka enethezekile eNaturena futhi naye uyakugcizelela lokhu uma ekhuluma. Ukuzwakalisile lokhu ngemuva kokuthi iChiefa ibhaxabule iMaritzburg United ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.

“Engingakusho ukuthi kube wumdlalo omuhle uma ubheka ukuthi siphuma emdlalweni wangempelasonto, sibe nesikhathi esincane ukuthi siphumule,” kusho uSithebe ngemuva komdlalo.

“Mina ngokwami nje ngijabule kakhulu ukuba kuleli qembu elikhulu kangaka, ikakhulukazi njengoba bese kuyisikhathi eside ngingadlali. Ngiyaziqhenya ngokuthi ngikwazile ukubuya ngagcina umgqigqo wami.”

USithembe uyidlale yomibili imidlalo yeChiefs yokuvula isizini futhi akabukeki edinga isikhathi eside kakhulu ukuze abuyele emgqigqweni wakhe aziwa ngawo. Lo mdlali ugqamile emdlalweni wokuqala ngesikhathi beshaywa yiRoyal AM ngo 1-0 eThekwini, kanti nakoweMaritzburg udlale kahle.

“Emdlalweni wokuqala sidlale kahle ukuthi nje asizange siwasebenzise amathuba esiwakhile. Into esiyishilo singamajita ukuthi namuhla uma singena enkundleni kumele sizame ukuthola igoli emizuzwini engu-15 yokuqala ukuze sidlale ibhola lethu kahle,” kusho uSithebe.

Imidlalo yePremiership iza ilandelana njengoba kumpintshelwe ukuthi kudlalwe okungasenani uhhafu wayo ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ngoNovemba. IChiefs izobhekana nompetha beligi iMamelodi Sundowns ngoMgqibelo.

“Into enhle ukuthi ukuncintisana kukhulu kakhulu eqenjini ngoba sinesikwati esikhulu. Umqeqeshi kukuyeka ukuthi athathe izinqumo (mayelana nokukhetha abazodlala). Imidlalo iyeza miningi ngakho zisobadinga bonke abadlali abakhona. Kumele kube khona nokukhokha umoya.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.