Kuzosefeka inkunzi ematholeni kwiProteas nePakistan koweT20

U-Aiden Markram wamaProteas

SIHLE NDLOVU

Umdlalo wesithathu weT20 phakathi kweNingizimu Afrika nePakistan ubaluleke kakhulu kowona womabili amaqembu.

Iqembu elizowina lo mdlalo oseSuperSport Park, eCenturion, ngoLwesithathu ntambama, lizogwema ukushaywa kulolu chungechunge lwemidlalo emine yeT20.

Emdlalweni wokuqala ngoMgqibelo kuwine iPakistan kwathi kowesibili amaProteas abuyisa izinduku ewina ngendlela egculisayo. Lokhu kuchaza ukuthi sezibambene ngo 1-1 nokuzekwenza ukuthi umdlalo wesithathu ushube kakhulu.

Ngasohlangothini lwePakistan izobheka ukuthi kubuye umdlali wayo osefomini uFakhar Zaman obengekho emdlalweni wesibili ngenxa yokungaphili kahle.

Ngaphandle kwalokho iPakistan izophinde izame ukuwina imidlalo emibili yeT20 njengoba yenzile iwina emibili yosuku olulodwa, yakhala yemuka nochungechunge ngeledlule.

AmaProteas abhekene nesimo sokudlala bengekho abadlali abafana noKagiso Rabada, Anrich Nortje, David Miller, Lungi Ngidi noQuinton de Kock, abayodlala kwi-Indian Premier League (IPL) ka-2021. Nokho abadlali abafana no-Aiden Markram, George Linde, Lizaad Williams no-Andile Phehlukwayo, babukeka beziphakamisile izandla befuna ukuvala izikhalaa ezivulekile.

UMarkram udlale kakhulu eshaya ama-run angu-53 emdlalweni wesibili weT20 nokuyinto esize amaProteas ukuthi awine umdlalo ngamawikhethi ayisithupha.

NangoLwesithathu kubhekwe ukuthi uMarkram aphinde abhethe kahle ebambisene nabanye abadlali ababhetha phambili bamaProteas.

Ukaputeni uHeinrich Klaasen uzwakalise ukujabula ngendlela abadlali ngayo ngoMsombuluko.

“Ngijabule kakhulu ngokuthi iqhinga lethu lihambe njengoba besifuna. Siqale ngegiya eliphansi kodwa bonke abadlali balikhuphulile izinga ngesikhathi kuqhubeka umdlalo,” kusho uKlassen.

Ekushwibeni kuzophinde kubhekwe umdlalo omuhle kuLinde noWilliams abenze kahle kakhulu bethatha amawikhethi amathathu emunye ngoMsombuluko.

Akulindelekile ukuthi amaProteas alishintshe iqembu elizodlala umdlalo wesithathu, ngaphandle uma kuba khona umdlali olimalayo.

Umdlalo wokugcina uzokuba ngoLwesihlanu khona eSuperSport Park, eCenturion.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.