UNgcobo akanandaba nokuthi udlala kuphi uma nje iChiefs iwina

UNgcobo akanandaba nokuthi udlala kuphi uma nje iChiefs iwina
UNjabulo Ngcobo
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

UNjabulo Ngcobo weKaizer Chiefs ujatshuliswa ukuthi sebeyawina manje, akakugqizi qakala ukuthi udlala kuyiphi indawo enkundleni.

Abaningi bashaya amakhala ngokuthi lo mdlali usebuye abonakale edlala esiswini kakhulu, yize efike kwiChiefs esuka kwiSwallows FC eyisitobha.

UNgcobo ucacise ngalokhu ngemuva kokuthi ezakhe zishaye iMaritzburg United ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngeSonto.

Kulo mdlalo uNgcobo uqokwe njengoshaye into ecokeme kunabo bonke, wakhala wemuka nomklomelo wosuku.

“Okubalulekile manje ukuthi sesiyawina futhi amaphuzu aseyaqala alokhu enyuka.

“Sibumbene siwumndeni futhi sidlala ngokuzwana okukhulu,” kusho uNgcobo ngemuva komdlalo.

“Ukuthi omunye udlala kuyiphi indawo akubalulekile kakhulu.

“Into esemqoka ukuthi iqembu selihlangene futhi sifuna ukuqhubeka nalo mgqigqo.”

Okuhlaluke ekuqaleni kwesizini ukuthi umqeqeshi uStuart Baxter ubelokhu eshintsha emuva naseswini ezama lokho okuzosebenzela iqembu.

Nokho namanje kukhona abasakhala ngokuthi abadlali abafana noNkosingiphile Ngcobo noHappy Mashiane abadlaliswa.

Umdlalo phakathi kweTeam of Choice naMakhosi uqale sekudlule isikhathi esingangehora ngenxa yenkinga kagesi eHarry Gwala Stadium.

UNgcobo uvumile ukuthi lokhu kuthe ubathikameza kancane.

“Ngesiwombe sokuqala asidlalanga kahle futhi besingahlangene.

“Ukuqala umdlalo isikhathi sesidlulile kube nawo nakanjani umthelela kulokhu.

“Nokho ngesiwombe sesibili sidlale kangcono kakhulu yikho size sathola igoli,” kubeka uNgcobo.

Igoli leChiefs lishaywe ukaputeni uBernard Parker ngemuva kokuthi ibhola lisuswe uKeagan Dolly ekhoneni, laya kuKhama Billiat oligobele ebhokisini walingqofela phakathi uParker.

IMaritzburg ibingazibekile phansi nayo kulo mdlalo ikakhulukazi ngasekupheleni kwawo.

Emdlalweni olandelayo iChiefs izokwamukela AmaZulu FC eFNB Stadium ngoLwesithathu ngo-5.30 ntambama.

Amakhosi asendaweni yesithupha manje kwilogi yePremiership. Awayiqalanga kahle neze isizini.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.