‘UNgcobo ungikhumbuza uMabizela,’ kusho insephe yeSwallows, uMere

UVuyo Mere oseneminyaka engu-20 edlala esigabeni esikhokhelayo

OKADONGA GUMBI

Ukufaniswa noMbulelo Mabizela kuchaza ukuthi usuke uyisitobha esisezingeni, ikakhulukazi uma okufanisayo kuyinkunzi emidwayidwa njengoVuyo Mere weSwallows FC.

UMere usedlale amasizini angu-20 kwiPremier Soccer League (PSL) kusukela adlala umdlalo wakhe wokuqala kuHellenic esengumfanayana ngo-2003 eneminyaka engu-19.

Usedlale emaqenjini ehlukene ukusuka lapho okubalwa kuwo iMamelodi Sundowns, Platinum Stars, Bidvest Wits neSwallows, kanti baningi abadlali aseke wahlangana nano kule minyaka.

Yingakho ukufanisa uzakwabo, uNjabulo Ngcobo noMabizela kungeyona into encane. UMere wadlala noMabizela kwiBafana Bafana nakwiPlatinum Stars.

UNgcobo uzakhele igama kule sizini ngendlela enesineke nekhululekile adlala ngayo emuva. Usayine kwiDube Birds esuka kuThongathi FC ekuqaleni kwesizini.

“UNjabulo ungumdlali omuhle kakhulu, futhi kumnamdi ukuba naye eqenjini elilodwa. Mhlawumbe abanye abazi ukuthi usezingeni elihle kanjani…

“Ungukhumbuza u-OJ Mabizela, kodwa kusekuningi okumele akwenze ngaphambi kokufika kulelo zinga,” kusho uMere ekhuluma nabeSAfm ngoLwesibili.

Indlela adlala kahle ngayo uNgcobo, nakavimba ngayo abagadli seyize yamtholela igama lesidlaliso elithi ungu”Roadblock” okusho isivimbamgwaqo la kungadluli ngisho ohamba ngehhashi khona.

UMere uphinde waveza ukuthi umdlali ayemsaba kunabo bonke ngu-Emmaneul “Scara” Ngobese ongasekho, nowaduma kakhulu kwiKaizer Chiefs.

“UScara uyena mdlali owayengenza ngingalali ebusuku (uma ezobhakana naye). Wayengithwalisa kanzima. Wayekujabulela ukubukisa ngathi enkundleni,” kubeka uMere ngale nsizwa yakoMqungebe eseyazilalela kobandayo.

Le nsephe enguMere iveze nokukhathazeka kwayo ngendlela abadlali abasebancane abasaphaza ngayo imali okuthi uma sebephelelwa ngumsebenzi, baphenduke olopholo.

“Izikhungo ezisebenza ngemali kumele zize zizosiza abadlali ngoba asazi lutho thina ngemali, ikakhulukazi le genge esencane. Ivele iqhamuke iningi imali bese sigijimela ukuthenga izimoto zikanokusho.

“Asazi ukuthi imali iyabekwa endaweni la izokwenza khona inzalo ukuze ibe wusizo esikhathini esizayo. Asikwenzi lokho ngoba asikwazi. Kumele kube khona okwenziwayo ngalokhu,” kuchaza uMere.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.