UNgcobo uphule irekhodi kwiHarry Gwala Marathon

Kusuka kwesokunxele uNdumiso Sokhela, imeya yaseHarry Gwala uZamo Nxumalo, u-Ayanda Ngcobo noNgqongqoshe weZemidlalo nobuciko KwaZulu-Natal uHlengiwe Mavimbela
Alfred Ngubane

U-Ayanda Ngcobo waseMsinga uphule irekhodi leHarry Gwala Marathon lika-42.2km, enza isikhathi esingu-2:18.14 kulo mjaho ngeSonto.

Leli rekhodi beliphethwe uNdumiso Sokhela owenze u-2:19.52 ngo-2020. Laba basubathi bangene belandelana eduze kakhulu kulo mjaho ngeSonto, kanti baveze elinye ikhono lokusubatha ezwenikazi i-Afrika nokufunda umzila nezimbangi.

Lezi nsizwa ziqeqeshwa nguXolani Mabhida wodumo lokunqoba iComdrades Marathon neTwo Oceans Marathon.

Ekhuluma neMpempe uNgcobo, weBlack Diamond, uthe bakhulumile noSokhela futhi bawabophe kahle amaqhinga okunqoba lo mjaho. Uphinde waveza ukuthi uSokhela ubezomlekelela, ubengezile ukuzonqoba lo mjaho.

“Yimina obezowunqoba umjaho ngokwezinhlelo zomqeqeshi nethimba le-Xcel Running Club neBlack Diamond.  Kulo nyaka bekuzonqoba iBlack Diamond njengoba ngo-2020 kunqobe  iXcel Running Club,” kusho uNgcobo.

UMabhida, obekhombisa injabulo ebusweni ngenkathi ekhuluma neMpempe, uthe ugezeke ubebe ngale mbewu ayitshalile wangayigubha ngoba efuna ukubukwa.

“Kuzoba nzima emadodeni ngenxa yabasubathi beXcel Running Club neBlack Diamond,abazokhonya kule mijaho emikhulu yamabanga amade namafushane,” kusho uMabhida.

Ungqongqoshe wezemidlalo nezibuciko KwaZulu Natal, uHlengiwe Mavimbela,  ukhuthaze abantu baseHarry Gwala District ukuthi bazibandakanye nezemidlalo njengoba le ndawo yakhona ihlonzwe njengenomoya ohlanzekile kakhulu emhlabeni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.