UNgcobo uthi sebekubeke eceleni konke, sebebheke ukuqeda umsebenzi

UNgcobo uthi sebekubeke eceleni konke, sebebheke ukuqeda umsebenzi
UNkosingiphile Ngcobo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Njengoba iKaizer Chiefs ibe namaviki amathathu wonke okulungiselela umdlalo wamanqamu weCAF Champions League, cishe kuke kwaze kwanokuthikamezeka kubadlali. Kungenzeka baze bagcina sebekhathala wukulokhu bezicijela umdlalo osekude.

Kodwa noma ngabe bengunjalo noma bekungenjalo, umdlalo sewuze wafika. Manje yonke into seyibheke kuwo ngokusho komdlalo wasesiswini kuleli qembu, uNkosingiphile Ngcobo.

Amakhosi azogadulisana ne-Al Ahly eStade Mohammed V eCasablanca, eMorocco ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku. Okokuqala Amakhosi edlala owamanqamu kulo mqhudelwano abevamise ukusheshe aphume kuwo.

Kodwa iRed Devils yona  ibheke ukuwunqoba okweshumi ukuze iqhubeke nokuqopha umlando. “Sisabe nesikhathi esihle,” kusho uNgcobo ngokufika kwabo eMorocco.

“Isiqephu sethu sokuziqeqesha sokuqala (ngoLwesine) sihambe kahle. Bekumnandi. Manje sesibheke ngokugcwele emdlalweni. Umoya eqenjini muhle kakhulu,” kuqhuba uNgcobo.

UNgcobo uthi yize isimo sezulu sehlukile kancane eMorocco kunaseNingizimu Afrika njengoba kushisa kuleliya lizwe elisenhla ne-Afrika, kodwa lokho ngeke kubaphazamise. Nokho lesi simo siyazivuma izimbangi zabo kwazise nazo ezakhona enhla ne-Afrika.

“Kuyashisa khona,” kuvuma uNgcobo “kodwa akukubi ngaleyo ndlela uma uqhathanisa naseNingizimu Afrika. Ukukhathala khona bekukhona kwazise sibe semoyeni isikhathi eside. Kodwa manje sekungcono njengoba sesike sazelula ngokujima kancane.

“Wonke umdlali uyabona nje ukuthi uzimisele. Ngicabanga ukuthi sengiwulungele ngokugcwele umdlalo. Besilokhu sizicija kodwa singadlali isikhashana manje, sizilungiselel kahle. Sesikujahile ukudlala, sizolwa.

“Sesifuna ukungena enkundleni nje sidlale. Koda kuzomele siqaphele, silandele ngokucophelela amacebo esinikwe wona ngalo mdlalo. Sifissa ukuqeda emizuzwini engu-90.”

FUNDA NALA: Usuzovezwa bukhoma nakwiSABC umdlalo weChiefs ne-Al Ahly

Amakhosi abelokhu ethola imiyalezo yokuweseka njengoba ebelungiselela lo mdlalo kanti nomengameli weSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordaan naye uke wawavakashela ekhempini eMorocco.

“Ezimweni ezinjena, izwe lidinga izinto ezizohlanganisa abantu. Izinto ezizoletha ithemba. Lezi yizinto umdlalo wamanqamu ofika nazo.

“Senikhuphule amathemba futhi manje ngeke nisakwazi ukwenza lento abantu ababelindele niyenze ngasekuqaleni kwalo mqhudelwano. Akulona igama leqembu noma umlando owina izindebe, ukuzikhandla nokuzimisela nje,” kusho uJordaan.

Ngesikhathi iqala lo mqhudelwano, ababaningi ababebheke ukuthi iChiefs ingahamba ize ifike kulesi sigaba esikuso kwazise ibiyaziwa ngokungabi nandaba nawo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *