UNgcobo uzosayina kwiChiefs ngoLwesine, kodwa iDowns nayo isazibhekile

UNgcobo uzosayina kwiChiefs ngoLwesine, kodwa iDowns....
UDABA: OKaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umbango obuphakathi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns ngesitobha seSwallows FC, uNjabulo “Road Block” Ngcobo sekuphelile – ezaseNaturena seziwunqobile lo mjaho wokusayina uNgcobo.

Impempe isingakubika ukuthi iChiefs neSwallows sebevumelene ngakho konke. Nokho izinto zisangajika ngoba kusasele ukuthi uNgcobo neChiefs benelisane ngokudingwa wuhlangothi ngalunye.

“Ngeke ngisho ukuthi sekuqediwe ngoba abaphathi bakaNgcobo bazohlangana neChiefs ngoLwesine ukuze kugqitshwe zonke izisele ezikhona.

“Sekungaba ukungenelisani nje phakathi komdlali neChiefs okungaphazamisa izinto. Khona iSundowns beyibeke okungcono etafuleni kodwa abaphathi bathe uma becubungula bakhetha ukumusa kwiChiefs,” kusho umthombo.

Sibe sesixhuma uSiboniso “King” Ngubane oyimenenja kaNgcobo. Ukuvumile ukuthi bazoba nezingxoxo neChiefs ngoLwesine la kuzoqedwa khona konke.

“Impela sizohlangana nabaphathi beChiefs futhi sinethemba elikhulu lokuthi sizovumelana ngakho konke. Amaqembu asevele avumelene wona ngakho sekusele kumdlali neqembu ukuthi nabo bavumelane.

FUNDA NALA: Isililo ngokushona kukaKobus

“Sizoya khona siyolalela bathini, bese nathi sibeka okwethu esikufisayo. Khona uma sibheka zonke ezinye izinto esiyaye sizibheke ngaphambi kokusa umdlali eqenjini, senelisekile ngakho konke.

“Kodwa konke senokuzwa ngeqembu uma kuwukuthi kuhambe kahle. Kodwa uma kukhona la singeneliseki khona, kuzomele sihlehle siyocabanga kahle ngoba phela asiphoqelekile ukuthi simduse kwiSwallows,” kusho uNgubane.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.