UNgcobo weChiefs usebuyelile kwiBafana ezoholwa uRonwen Williams

UNgcobo weChiefs usebuyelile kwiBafana ezoholwa uRonwen Williams
UNjabulo Ngcobo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UNjabulo Ngcobo weKaizer Chiefs usebuyelile kwiBafana Bafana ngemuva kokuthi ubesale ngaphandle ngeviki elidlule – uRonwen Williams uzoba ngukaputeni.

UNgcobo wayeqokiwe kubadlali abangu-31 umqeqeshi uHugo Broos ayethe uzobe esekhetha kulo abangu-23 azodlala ngabo imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Wabe esesala ngaphandle ke uNgcobo uBroos ekhala ngokungadlali kwakhe kwiChiefs. Kodwa njengoba engasamtholanga uMothobi Mvala weMamelodi Sundowns olimele, uNgcobo ube esevala leso sikhala.

UBroos uphinde waveza ukuthi useqoke unozinti weSuperSport United, uRonwen Williams njengokaputeni weqembu.

IBafana izobhekana neZimbabwe ngempelasonto bese kuthi ekuqaleni kweviki elizayo ibhekane neGhana kuleli.

“Ngicabanga ukuthi uRonwen ungumuntu onomoya omuhle, unamava futhi uyaxhumana kalula nabanye,” kusho uBroos ngoMsombuluko.

“UPercy Tau yena uyazithulela kodwa unamava. Usedlale emaqenjini amaningi ehlukene e-Europe futhi uhlonipha wonke umuntu.”

UWillims uthe uyasazi isisindo salo msebenzi anikezwe wona njengoba ezohola iqembu okubhekwe lingene kwiNdebe yoMhlaba ezoba seQatar ngonyaka ozayo.

“Angizohola iqembu nje kuphela, ngihola isizwe sonke,” usho kanje lo mdlali obeseqenjini lika-Under 23 kuma-Olympics eJapan ngenyanga edlule.

FUNDA NALA: UNolubabalo uphokophele ekutheni akhuthaze ezemidlalo eMzimkhulu

“Ngumsebenzi engiwubheke ngabomvu, ngizoqinisekisa ukuthi ngiyahlonipha abadlali nethimba labaqeqeshi.

“Ngiyaziqhenya ngokuba lana. Kodwa okubaluleke kakhulu wukuthi siphumelele njengeqembu. Sisaphoxekile ngokuthi asiyi kwi-Afcon.

“Leyonto isekhona ezingqondweni zethu futhi yingakho sifuna ukuqinisekisa ukuthi siyangena kwiNdebe yoMhlaba.”

UBroos uveze ukuthi oGift Links noLuther SIngh bebengakafiki kodwa wathi unethemba lokuthi bazobe sebekhona ngoLwesibili.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.