UNgcongo ufuna ikhuliswe iMkhambathini Half Marathon

UNgcongo ufuna ikhuliswe iMkhambathini Half Marathon
UMsizi Zimu, Sanele Mngwengwe, Eric Ngcongo noCeli Makhoba
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Sihle Ndlovu

IMeya yakumasipala waseMkhambathini u-Eric Ngcongo, ifisa uqhubeke minyaka yonke umjaho iMkhambathini Half Marathon.

UNgcongo usho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthetheweni iMkhambathini Half Marathon ka-2021 okuzobe kungeyokuqala ngqa.

Lo mjaho uzogijinywa ngo-Okthoba 3, kanti uzobe uhlukene izigaba ezintathu. Kuzoba khona oka-21km, oka-10km noka-5km.

UNgcongo uthe bajabule kakhulu njengomasipala weseMkhambathini ngokusingatha lo mjaho, ngokubambisana
neMkhambathini Athletics Club.

“Ngiyabonga kakhulu kubagqugquzeli balo mjaho, okunguCeli Makhoba noMsizi Zimu. Ngifisa ukuthi umjaho ukhuphukele kwelinye igiya ngonyaka ozayo, futhi ugijinywe minyaka yonke,” kusho uNgcongo.

“Besilokhu sibuka abanye benza imijaho yabo. Kumnandi ukuthi sesizoba nowethu futhi awubhekisiwe kubantu abasha kuphela.

“Nabantu abadala njengathi nje, kumele bazimbandakanye kulo mjaho. Isifiso sami ukuthi ngelinye ilanga sibone abagijimi baseMkhambathini begijima kuma-Olympics.

“ICovid-19 iziphazasmise kakhulu izinhlelo zikamasipala wethu ngoba besifisa umjaho uqale ngegiya eliphezulu kakhulu. Nokho siyethemba uzolokhu uthuthuka eminyakeni ezayo.”

Umjaho uzosukela eCamperdown Sports Field ngo-5 ekuseni uze uphelele eCamperdown Primary School.

Imali ebekelwe umjaho u-R61 000 ozohlukaniswa abazodla umhlanganiso. Ozophuma phambi kwi-21km uzothola u-R6 000, kwabesilisa nabesifazane.

Abazodla umhlanganiso kwi-10km bazothola u-R2500 kwabesilisa nabesifazane. UCeli Makhoba okunguyena ohlela umjaho uthe konke sekumi ngomumo.

Kodwa basalindele ukuthi inqwaba yabagijimi ifake izicelo zokungenela kwazise kusavuliwe kanti nezwe selehliselwe esigabeni esingcono sokuvalwa.

“Ngo-2022 sifuna ukuba ne-42.2km ezosiza abagijimi bakule ndawo ukuthi bazibekisele indawo emijahweni efana neTwo Oceans Marathon neComrades Marathon.

“Sizovumela abagijimi abangu-500 kuphela emjahweni ngamunye ngo- Okthoba 3. Imingenelo isavulelekile kuze kube uMsombuluko womhla ka-27.

FUNDA NALA: Uphoxekile uMhango esehlulwa yisikweletu sotshwala kade ebusisa amantombazane

“Kuzoba nomklomelo ka-R500 kumgijimi weqembu eliphuma eMkhambathini okunguyena ozongena kuqala entanjeni,” kusho uMakhoba.

UMsizi Zimu weMkhambathini Athletics Club, uthe: “Bekuhlezi kuyiphupho ukuthi sibe neqembu lezokusubatha laseMkhambathini. Besilokhu siyisa abagijimi emakilabhini angaphandle.

“Siyabonga kakhulu kulabo abasizile ukuthi kwakhiwe ikilabhu yaseMkhambathini okuyiphupho lethu elidala.

“Siyabonga nakumasipala waseMkhambathini ngokubambisana nathi.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.