Ungena ezintangeni uMcCarthy ngokudlalisa uSithebe kuMaZulu

UBenni uphinde wacasha ngesithupha ngolukaSithebe oSuthwini
UBenni McCarthy noSiyethemba Sithebe
OkaDonga Gumbi

UBenni McCarthy uvele wangena ezintangeni akangacacisa ukuthi kuzokwenzakalani ngoSiyethemba Sithebe kuMaZulu FC.

USithebe uziphendule iqaqa kuleli qembu, ikakhulukazi kubaphathi nabalandeli, ngemuva kokusayina isivumelwano sokuthi uzojoyina iKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini.

Lokhu akwehlanga kahle kuleli qembu kanti kuthiwa umengameli walo uSandile Zungu wakubeka kwacaca ukuthi ngeke aphinde adlale uSithebe oSuthwini.

Ebuzwa ngalokhu ngoLwesithathu, uMcCarthy akaphumelanga obala, wavele wangena ezintangeni ethi uyakuqonda okwenza umengameli azizwe ngale ndlela azizwa ngayo.

“Indaba kaSithebe eyeqembu. Mina bengingekho ngiseholidini nomndeni wami le eScotland ngesikhathi kwenzeka yinke lento,” kusho uMcCarthy ngoLwesithathu.

“Ngithe uma ngibuya ngahlangana namaphephandaba ebika ukuthi ‘uSithebe ngeke aphinde aligqoke ijezi laMaZulu’.

FUNDA NALA: Usephenduke ujikanelanga owayechoma kuMaZulu

“Khona uyakuqonda lokhu uma ukubuka ngeso leqembu,” kuchaza uMcCarthy obuye waveza ukuthi ngeke bathathe izinqumo ngenhliziyo.

“Sengike ngakhuluma nomengameli nebhodi ukuze sibe semqondweni owodwa ngalolu daba ngoba ekugcineni usengumdlali wethu, akakahambi.

“Ezimweni ezinjena kwesinye isikhathi kudingeka uyibeke eceleni imizwa. Ngeke sivele silawulwe imizwa sithi ngeke sisamdlalisa lona ngoba  vele usezosishiya,” kuchaza uMcCarthy.

Uthe ubengakasitholi nesikhathi sokuthi ahlale naye phansi uSithebe babonisane ngalesi sinyathelo sakhe kwazise ubengekho eseqenjini le-Amabutho ebelidlala kwiompact Cup.

“Kodwa phela mdala manje, uyayazi into ayenzayo futhi ke lokhu kuyingxenye nje yebhola,” kusho yena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.