Ungene emabhukwini omlando uMashiane eshayela iChiefs igoli kwiCAF

UHappy Mashiane nozakwabo kwiKaizer Chiefs

MTHOKOZISI MNCUSENI

Utshelwe ngabantu ukuthi uqophe umlando kwiCAF Champions League umdlali weKaizer Chiefs uHappy Mashiane obe ngomncane kunabo bonke kwabakuleli ukushaya igoli kulo mqhudelwano owasungulwa ngo-1964.

Ngesikhathi uMashiane eshayela iChiefs igoli lesibili benqoba kwiPetro de Luanda yase-Angola ngoMgqibelo emdlalweni kaGroup C kwiChampions League e-FNB Stadium, ubezitshela ukuthi usiza iqembu lakhe ebeliyidinga ngendlela exakile iwini.

Lelo goli limfake emlandweni weChampions League kubashayi magoli baseMzansi.

UMashiane, oneminyaka engu-23, ususe uLebohang Maboe (owayena-26 ephatha leli rekhodi) weMamelodi Sundowns okunguyena obekhonya kwabangabokudabuka eNingizimu Afrika.

“Kungijabulise kakhulu ukubuyela nje kukodwa enkundleni. Bekunzima ngoba bekumele ngilwele isikimu kuqala ngenhlanhla ngasithola. Ukushaya igoli kube ibhonasi.

“Ngixoxeliwe ukuthi seliphethwe yimi irekhodi lomdlali omncane wakuleli ukushaya igoli esigabeni samaqoqo kwiChampions League ngakho ngigqugquzelekile,” kusho yena.

Lo mdlali uthi ayikho nencane inkinga ngokudlala kwiCAF babuye beze kweyeligi.

“Yikhona vele lokhu esikufunayo singabadlali. Ngokwethu ngabe siba senkundleni nsukuzonke. Yebo akulula ukudlala yonke le miqhudelwano imidlalo yakhona isondelene eduze, kodwa akuyona into esingakhala ngayo ngoba iyenzeka,” kusho yena.

Usethandazela ukuthi kuthi ukumxolela kancane ukulimala ngoba indlela afake ngayo isandla kule sizini akeneme ngayo.

“Bekuba yinhlanhla nje ukuthi ngingalimali kakhulu kulokhu okudlule kodwa kusobala ukuthi kumele ngihlale ngiziqaphile.

“Ayingiphethe kahle indaba yokulimala njalo ngoba kuphazamiseka umgqigqo wami enkundleni,” kusho Lo mdlali ozalwa eTembisa, eGauteng.

Mayelana nokubuya kwiDStv Premiership ngomdlalo ohlale njalo ubathwalisa kanzima neMaritzburg, uMashiane uthe: “Ngeke kube lula ngoba basishayele ekhaya emdlalweni wokuqala.

“Siya kubo manje futhi siyazi ukuthi abadedeli lutho eHarry Gwala. Badlalela ekhaya ngakho ngeke kube lula.”

Uyazi uMashiane ukuthi iMaritzburg ayingenelwa kalula amagoli, futhi izovalisisa kakhulu emuva njengoba ilengela ezembeni nje.

“Indlela abadlala ngayo ithi akufanele sibazele ngobuso ngoba bayingozi. Akusihleli kahle ukuthi iqembu lisendaweni yeshumi.

“Lokhu kwenza sikhumbuzane njalo ukuthi iqembu likulesi simo nje yingenxa yethu. Kumele siqale sinombele ngeMaritzburg kwi-log,” kusonga yena.

Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.