Ungene enkundleni netshe kulinyazwa isoka lakhe elingumdlali

Intatheli yeMpempe

Owesifazane waseKenya ushiye abantu bemangele ngesikhathi engena netshe enkundleni kulandela ukulinyazwa kwesoka lakhe omunye umdlali.

Lo wesimame ungene ekhala enkundleni ephethe itshe eyophindiselela indoda yakhe kulo obeyilimazile. Lokhu kwenzeke ngesikhathi kudlala amaqembu ayibamba kwiligi ephezulu iKenya’s Premier League (KPL).

Ngesikhathi umdlalo usaqhubeka omunye umdlali udlalise kabi omunye. Lo olimele uthinteke kabi impela ngoba akazange esaqhubeka nomdlalo, kwadingeka ashintshwe.

Lokhu kusicasule kakhulu isithandwa sakhe ebesihleli nezinye izibukeli. Lo wesifazane obedinwe kakhulu, ekhala, ungene enkundleni enenhloso eyodwa vo emqondweni wakhe. Ubefuna ukuyophindiselela isoka lakhe elilinyazwe kabuhlungu.

Kusebenze onogada abamvimbile ukuthi angafinyeleli kulo mlisa abebabele ukuyomgqema ngelitshe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.