Ungene ezintangeni uZwane ngendaba yomqeqeshi kwiChiefs

Ungene ezintangeni uZwane ngendaba yomqeqeshi kwiChiefs
U-Arthur Zwane weKaizer Chiefs
OkaDonga Gumbi

U-Arthur Zwane uzosiza iKaizer Chiefs ihlanganise iqembu elihle, elinabadlali abafanele nabadlala ngendlela efunwa yileli qembu ukuze umqeqeshi ozofika alifice lisesimweni.

Lokhu kuvele ngesikhathi uZwane ephendula umbuzo ngesimo sikaKgaogelo Sekgota wokuthi kungani engaqaliswa imidlalo, kodwa engena esuka ebhentshini njalo nje.

“USekgota wenza kahle impela kodwa kunenselelo anayo yokusheshe aphelelwe umoya,” usho kanje uMangethe.

“Leso ngesinye sezizathu ezenza angayiqali imidlalo. Kodwa siyamsiza kulokho ngoba njengoba singabaqeqeshi nje kungumsebenzi wethu ukwenza laba badlali babe ngcono. 

“Uza kahle yena futhi uma esekulungele ngokwesimo somzimba nesomqondo, sizomqalisa imidlalo. Kodwa okunye wukuthi kumele sibheke ebhentshini lethu.

“Kudingeka siqinisekise ukuthi sinaye umdlali ongangena ashintshe umdlalo, afike nomdlandla. Leso ngesinye sezizathu esenza singamqalisi ngoba asinaye omunye ongasuka ebhentshini afike ajike izinto. 

“Kungenzeka sithi siyamqalisa bese eyakhathala, adlale mhlawumbe imizuzu engu-60 bese eyafadalala, lapho sekungadingeka sithole ozongena nomdlandla.

“Siyasebenza ngaye, sifuna ukuphucula indlela afunda ngayo umdlalo nokuphelelwa umoya. Uyakwazi ukungena agijime kahle mhlawumbe kane noma kahlanu bese eyakhathala.

“Ngeshwa ke isizini isiyaphela ngakho kungenzeka singabi naso isikhathi esanele sokusebenza naye. Kodwa ke ngesizini ezayo umqeqeshi ozofika sizomnika umbiko ngesimo sabo bonke abadlali.

“Lokho sizokwenzela ukuthi abazi futhi aqonde izinselelo zabo bonke ukuze abone ukuthi uzobasiza kanjani babe ngcono.

FUNDA NALA: UMbesuma ufisela uShalulile ukuthi aliphule irekhodi lakhe lamagoli

“Esizama ukukwenza wukuqinisekisa ukuthi izinsika zeqembu uzozifica zimile futhi ziqinile umqeqeshi ozayo ukuze kube nenqubekela phambili ngesizini ezayo.

“Sizoqhubeka sizingele abadlali abasezingeni ukuze simenzele ube lula umsebenzi wakhe,” kuchaza uZwane.

Ebuzisiswa ngokuthi ngabe ukhona yini umqeqeshi abaphathi asebemhlebelile ukuthi nguyena ozongena kulesi sikhala abambe kuso njengamanje, uvele wangena ezintangeni.

“Ithimba labaqeqeshi lizohlangana nabaphathi beqembu kupheleni kwesizini kanti okuningi sekuyocaca lapho ke.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.