UNgobeni uneSifiso sokuba yisibonelo esihle kubafana baselokishini lakhe

UNgobeni uneSifiso sokuba yisibonelo esihle kubafana baselokishini lakhe
USifiso Ngobeni
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Mamelodi Sundowns

Isifiso sikaSifiso Ngobeni wukuba yisibuko sokuthi kuba njani empilweni uma uzikhandla futhi uziphatha kahle.

UNgobeni, oneminyaka engu-24, ungowokuzalwa eMamelodi futhi uthi kwakuvele kuyisifiso sakhe ukuthi adlale kwiMamelodi Sundowns le asanda kuyijoyina.

Leli nxele elidlala emuva lithi sekufezeke iphupho njengoba selibuyele ekhaya. Ujoyine iSundowns esuka kwiBloemfontein Celtic.

“Njengoba ngingumfana waseMamelodi nje kuyinto enkulu kimi ukudlalela iqembu elifana neSundowns,” kusho uNgobeni ekhuluma nabeSundowns.

“(ISundowns) yiqembu engakhula ngingumlandeli walo. Iqembu elangenza ngalithanda ibhola,” kwengenza yena. Uthi ufuna ukuba yisibonelo kubafana abasakhula elokishini.

“Yiqembu elikhulu leli. Ukuba lapha kungenye yezindlela zokukhombisa abafana baseMamelodi ukuthi uma uziphethe kahle, ubeke ingqondo yakho entweni oyenzayo ungazuza noma yini.

“Lena yindlela yokukhombisa abafana baseMamelodi ukuthi bengalilahli ithemba futhi bengawadubi amaphupho abo, bakholelwe kuwo bese bewalandela.”

FUNDA NALA: Usezama inhlanhla kwiGallants ogajwe yiChiefs

Uthi ukwamukelwa kahle akuthole ngesikhathi efika eChloorkop kwenze kube lula kuyena ukuthi ajwayele bese egxila ekusebenzeleni ukusiza iqembu.

UNgobeni uzobanga indawo noLyle Lakay, Tebogo Langerman, Divine Lunga noMalebogo Modise uma iSundowns seyiqala isizini.

Umdlalo wokuqala waleli qembu eselidle isicoco seligi amahlandla angu-11 uzoba ngo-Agasti 15 la izobhekana khona neKaizer Chiefs kwiMTN8.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.