Ungqongqoshe uMavimbela usukumela olokuhlehla kwezimpi eKZN

Ungqongqoshe uMavimbela usukumela olokuhlehla kwezimpi eKZN
UHlengiwe Mavimbela (kwesokudla)
Alfred Ngubane

Ungqongqoshe wezemidlalo waKwaZulu-Natal uHlengiwe Mavimbela useveze ukuthi kumphatha kabi ukubhuntsha kwezimpi zesibhakela osekuphenduke umchilo wesidwaba kulesi sifundazwe.

Yingakho nje okaMavimbela eseqnume ukukusukumela lokhu ngokuthi ahlele ukuhlangana nezinhlaka ezithintekayo ukuze babhunge ukuthi kumele kwenziwe njani ukugqema lo mkhuba omubi.

“Siphokophele phambili, sifuna ukuthi sibe yisifundazwe esihamba phambili kodwa manje uma kuyibona abasicekela phansi nathi ngeke senze lutho ngalokho,” kusho ungqongqoshe.

Ukuhlehla kwezimpi eKZN kube yinto embi nefaka ezamankomane ehlazweni elibi njengoba lesi sifundazwe bese siphenduke inhlekisa kwezinye.

Nokho ukungenelela komnyango kwethembisa ukuthi izinto zizojika. Abahleli bezimpi bancike kakhulu kuwo umnyango ekutheni ubaxhase.

Khonamanjalo, kubhekwe abahleli bezimpi abahamba phambili ukuthi babe ngabanye abazoqhudelana ezindondweni zomnyango wezemidlalo ezingeni lezwe.

FUNDA NALA: UMaema weSundowns uthi abakadeli ukudedela isibhaxu

Kwababhekiwe kukhona uNomvelo Magcaba-Shezi weMvelo Boxing Promotion noZandile Malinga weStarline Boxing Promotion.

Kule minyaka edlule abahleli bezimpi bebengabonwa kulezi zindondo ngenxa yezinga eliphansi lokuhlelwa kwezimpi zesibhakela.

Ngonyaka odlule iKZN yenze kangcono kanti kulindeleke ukuthi ikhuphule amasokisi yize kusekhona abahleli abasashaya udaka.

Kunezimpi ezizayo ezizoqhathwa yiLighting Boxing Promotion, Tap-Tap Makhathini Academy, Uhuru Boxing Promotion.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *