Ungqongqoshe uyifuna la indebe emaqenjini aKwaZulu-Natal

Ungqongqoshe uyifuna la indebe emaqenjini aKwaZulu-Natal
Ungqongqoshe wezeMidlalo, uHlengiwe Mavimbela
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Sithunyelwe

Ungqongqoshe weZemidlalo, ezokuhlumelelisa nobuciko KwaZulu-Natal, uHlengiwe Mavimbela uyawethemba amaqembu ebhola akulesi sifundazwe . Uthi azokwenza kahle kakhulu ngesizini ezayo.

Ukuveze lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iKwaZulu-Natal Premier’s Cup ka-2021, eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili.

UMavimbela uthe uwafisela impumelelo wonke amaqembu aseKZN abaziqhenyayo ngawo njengasifundazwe.

“Ngiyathemba likhona iqembu elizosibuyela nendebe phakathi kwenu kule sizini ezoqala. Angithi kunjalo? Siyayifuna indebe kulesi sifundazwe,” usho kanje uMavimbela.

Njengoba ekhuluma ngokuthi kungakuhle iqembu laseKZN liwine indebe uMavimbela, livele likhona ithuba lokuthi kwenzeke lokho.

AmaZulu FC neLamontville Golden Arrows bazoyibamba kwiMTN 8 ngempelasonto ka-Agasti 14-15. AmaZulu azobhekana neCape Town City ekhaya, ngoba aqede endaweni yesibili, kanti i-Arrows nayo izodlalela ekhaya neSuperSport United.

I-Arrows iqede endaweni yesine kwilogi ngesizini edlule. Lokhu kudlalela ekhaya kunika ithuba elihle amaqembu aseKZN lokudlulela kweyandulela owamanqamu.

UMavimbela uthe kubalukekile ukuthi amaqembu aseKZN adlale iPremier’s Cup ukuze azicijele kahle isizini ezoqala.

“Iqembu ngalinye elizodlala kwiPremier’s Cup lizothola u-R585 000. Bazobe bengayibangi le mali kodwa wonke amaqembu azoyithola,” kuchaza uMavimbela.

Uthe ngalokhu bazama ukufaka isandla ekutheni amaqembu aseKZN aqale isizini ezilungiselele kahle. Ungqongqoshe uphinde waphawula mayelana nezibhelu zakamuva eKZN naseGauteng.

“Ngithanda ukuthumela amazwi enduduzo kulabo abalahlekelwe yizihlobo zabo. Siyakugxeka kakhulu ukusuka kwezibhelu esifundazweni sethu.

“Ngeke sikuvumele ukuphangwa kwezitolo nokucekelwa phansi kwengqalasizinda yethu. Ukubhikisha kuvumelekile ngokomthethosisekelo wethu.

“Kodwa lokho kumele kwenziwe ngokuhlonipha abanye abantu nokulandela umthethosisekelo,” kubeka uMavimbela.

Amaqembu azodlala lo mqhudelwano, ozebe usudlalwa okwesikhombisa, AmaZulu, Golden Arrows, Maritzburg United, Royal AM, Uthongathi FC neRichards Bay FC.

FUNDA NALA: Owayengumbhukudi usesifuna la isikhundla sokuba wungqongqoshe kuleli

Imidlalo izodlalelwa eChatsworth Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo nangeSonto. Kuzoqala umdlalo wokuhlunga phakathi kwe-Uthongathi neMaritzburg, ngoMgqibelo ngo-11 ekuseni.

Emdlalweni wesibili kuzotholana iRichards Bay FC neRoyal AM, ngo-3 ntambama. NgeSonto emdlalweni owandulela owamanqamu kuzoqala AmaZulu neGolden Arrows.

La maqembu ngeke ayidlale eyokuhlunga. Labo abazowina ngoMgqibelo bazodlala kowandulela owamanqamu wesibili. Umdlalo wamanqamu uzodlalwa ngo-4 ntambama ngalo isonto.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.