Unikwe ishumi uDolly kwiChiefs, isisayine no-Alexander

Unikwe ishumi uDolly kwiChiefs, isisayine no-Alexander
UKeagan Dolly
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uzothwala ishumi (unombolo 10) emhlane uKeagan Dolly uma esegijima kwiKaizer Chiefs ngesizini ezayo. Lo mdlali usegcine ethulwe ngokusemthethweni yileli qembu laseNaturena ngoLwesibili ntambama.

Impempe beyike yabika ngoLwesibili ekuseni ukuthi sekulungiswa izinto ezithile ezincane ngaphambi kokuthi kuphothulwe konke phakathi kukaDolly neChiefs.

UDolly ubebobakale ngala kuhlaliswe khona abadlali abasanda kufika kwiChiefs ngoMsombuluko kusihlwa, okucacise ukuthi sekusondele asayine.

Ukunikwa kwakhe ishumi kuwuphawu lokuthi uyisethenjwa okubhekwe lukhulu kuso. Le nombolo iyahlonishwa ebhoelini emhlabeni jikelele. Ishumi linikwa umdlali oyisihlabani okuyiso esiba yinjini yeqembu.

Ngesizini edlule beyisetshenziswa nguSiphelele Ntshangase obechitha isikhathi esiningi eyibukela kwiTV iChiefs njengoba ebengekho eqenjini eliqala imidlalo.

Akubonakali kuzoba nzima ukuthi uDolly angene eqenjini eliqala imidlalo kwazise akaqali ukudlala ngaphansi kukaStuart Baxter. Ubeyilungu eliqavile leBafana Bafana ngesikhathi lo mqeqeshi eseqenjini lesizwe.

IChiefs iphinde yaveza ukuthi seyiqedile nanoCole Alexander osesayinile kuyo. U-Alexander naye useke wasebenza noBaxter phambilini njengoba babebonke kwiSuperSport United nakuyo i-Odisha.

FUNDA NALA: Izibabuli ezintsha zeSundowns zithi kuyajwayeleka eChloorkop

Indlela eliqinisa ngayo iqembu iChiefs kuyacaca ukuthi ayizimisele ukuphinde isinise amahleza ngesizini ezayo. Ngedlule beyidonsa kanzima kodwa ukufika kowamanqamu kwiCAF Champions League kulifihlile kancane ihlazo lokuthi iphinde yaqeda enye isizini ishwiba izandla.

UDolly ulandela oSifiso Hlanti, Njabulo Ngcobo, Kgaugelo Sekgota, Thabani Dube noSIbusiso Mabiliso kubadlali abasha eNaturena.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.