UNjabulo Ngcobo uchaza ngokudlaliswa esiswini wuBaxter kwiChiefs

UNjabulo Ngcobo
Sihle Ndlovu

Abalandeli abaningi bebhola eNingizimu Afrika, bagxeka umqeqeshi weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, ngokushintshisa uNjabulo Ngcobo indawo abeyidlala yokuba yisitobha.

Lo mdlali ofike kwiChiefs evela kwiSwallows FC, uwine umklomelo wesitobha esivele ekupheleni kwesizini ka-2020/2021. Lokhu yikona okwenze iChiefs ukuthi imsayinise.

Nokho uBaxter usemdlalisa esiswini, kanti abaningi bacabanga ukuthi kuyamnyuka kakhulu lokhu.

UNgcobo akafuni ukuphumela obala ngokuthi kumphathe kanjani ukushintshiswa indawo ayidlalayo uma ebuzwa ngalokhu.

“Ngicabanga ukuthi ngiwumdlali osebenza kanzima, ikakhulukazi njengoba ngifunda ukudlala endaweni entsha,” kusho uNgcobo.

“Ngibona sengathi ngenza kahle okwamanje kodwa ngisengaba ngcono. Ngiwumdlali osebenza kanzima.”

Ephawula ngokubuya kwabalandeli ezinkundleni uNgcobo uthe lokhu kuyabajabulisa kakhulu bengabadlali.

“Yinto enhle kakhulu lena, futhi siyabemukela abalandeli njengoba sebebuyile. NjengeChiefs besibadinga kakhulu,” kuchaza lo mdlali.

“Ngicabanga ukuthi lokhu kuzosisiza kakhulu ukuthi senze kahle emidlalwnei yethu. Kuyinto eyehla kamnandi nje ukuba nabalandeli enkundleni.”

IChiefs inomdlalo obalulekile ngoMgqibelo njengoba izobhekana neChippa United koweDStv Premiership, eNelson Mandela Bay Stadium, ngo-5 ntambama.

“Sisebenze kanzima ngesikhathi sekhefu leFifa, ngakho likhona ithemba lokubuya namaphuzu amathathu ePE.

“Sikulindele ukuthi basinike inkinga ngoba nabo bayawadinga amaphuzu amathathu uma ubuka ukuthi bahleli kuphi. Ngeke kube umdlalo olula kodwa siwulungele umdlalo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.