UNolubabalo usuka kude nothando lokuthuthukisa ezemidlalo

uNolubabalo
UNolubabalo Ndzoyiya (kwesokudla)
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Sithunyelwe

Ukubona isifunda sangakubo sisalele emuva kwezemidlalo yikho okwasukumisa uNolubabalo Ndzoyiya wasungula iqembu lezamankomane.

Le ntokazi yaseMzikhulu ithi kwakuyiphatha kabi ukuthi isifunda sangakubo singabalwa kweziqoqe izindondo kweminye imidlalo uma kukhona amaSalga Games.

Leli qembu ulisungule ngo-2007. Waqala ngokwethula lo mdlalo ezikoleni ezihlukene, wagcina sewungena nasemphakathini wonkana.

“Ngasukunyiswa ukubona abantwana abancane bengayinakile ngapha kumasipala waseMzimkhulu indaba yesibhakela,” kusho uNolubabalo.

“Besisalele emuva kakhulu uma sidlala emdlalweni yamaSalga Games. Kuhambe isikhathi sangena kancane kancane…

“Kunamhlanje nje sebayasithanda kakhulu abantwana,” kusho le ntokazi ngokukhulu ukuzigqaja ngokufaka ezamankomane emkhandlwini waseHarry Gwala

UNolubabalo uyisikhulu esibhekelele ukuthuthuka kwezemidlalo ngaphansi komnyango wezemidlalo kumasipala waseMzimkhulu.

Useke wanqoba umklomelo wokuba yiTechnical of the Year ngonyaka ka-2019 kumaKZN Sports Awards.

“Kumanje nginenkinga enkulu ngoba uma sifuna ukujima sisebenzisa ihholo lomphakathi.

“Lokho kusidalela inkinga kwesinye isikhathi ngoba kuba nemcimbi yezepolitiki noma yomphakathi nemihlangano ehlukene.

“Singajabula uma singathola uxhaso lokwakhelwa ijimu ezosiza namalungu omphakathi asendaweni nabezinye izinhlobo zemidlalo.

FUNDA NALA: Kusekuncane lokhu okubonakele ngomgadli omusha weSundowns

“Ngilala obenyoni ngoba ubuthongo abehli kumanje njengoba kunzima ukuthola uxhaso lwendawo yokujimela.

“Ngiyacela kwiMpempe ukuthi ingudluliselele udaba lwami emagumbini onke omhlaba,” kuzicelela uNolubabalo.

Uphinde waveza ukuthi isimo sokuzilolonga sinzima njengoba kunomkhuhlane wokhuvethe iCovid-19 nje.

“Asikwazi ukuhlangana, kumele silandele umnyalezo kamengameli kanjalo nemigomo yezempilo,” kuphetha uNolubabalo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.