UNomandela uyanconcoza kuMpengesi ngokumnika ithuba

ULuc Eymael (umqondisi), Luyolo Nomandela (umdlali omusha), Siviwe Mpengesi (usihlalo wembu) noSiyabulela Gwambi (umqeqeshi) beChippa United

SIHLE NDLOVU

Ubonga ithuba alinikiwe uLuyolo Nomandela owethulwe ngokusemthethweni yiChippa United njengomdlali wayo omusha ngoLwesibili emini.

UNomandela (31) usedlalele inqwaba yamaqembu ePremier Soccer League (PSL) okubalwa kuwona iFree State Stars, Mameodi Sundowns, Moroka Swallows, Jomo Cosmos neCape Town City. Useke wadlala kabili kwiBafana Bafana.

Lo mdlali ufika kwiChilli Boys nje ubedlalela iBCM Stars, iqembu eliyinkulisa yeBuffalo City Metropolitan Municibality, elidlala kwi-ABC Motsepe League.

“Ngijabule kakhulu, ngesese, futhi ngiyaziqhenya. Ngithanda ukubonga usihlalo weqembu (Siviwe Mpengesi) ngokukholelwa kimina, abaphathi nabaqeqeshi beBCM. Ngibonga kakhulu ukwesekwa ebengikuthola kubantu beChippa. Ngineme kakhulu,” kusho uNomandela.

“Yize ngazi ukuthi ngiza eqenjini elingenzi kahle kwiligi kodwa ngeke ngizifake ingcindezi ngoba iqembu linabaqeqeshi abahle, abaphathi abahle, nabadlali abahle. Okungijabulisa kakhulu ukujoyina iqembu lasekhaya, ukuthi ngizodlala ekhaya e-Eastern Cape. Ngiyaphinda ngiyabonga kusihlalo ngokukholelwa kimina. Waze wangitshela wathi, ndoda leli yithuba lakho,” kubeka uNomandela.

Ufike eqenjini liwadinga kakhulu amava akhe njengoba kungalihambeli kahle emidlalweni yeligi. Kuzomele alisize lizame ukuthola amaphuzu aphelele uma selibhekene neqembu lakhe lakudala, iSundowns, ngoMsombuluko.

“Sidlala neSundowns ezihola phambili kwi-log. Benza kahle kodwa siyawadinga amaphuzu amathathu, sidinga ukuwina yonke imidlalo esizoyidlala. Amalungiselelo omdlalo eza kahle kakhulu njengoba kwaziwa ukuthi sinomqeqeshi omusha. Umoya muhle ekhempini yethu futhi bonke abadlali bagqugquzelekile,” kuphetha uNomandela.

Umqeqeshi obambile kwiChippa, uSiyabulela Gwambi, uthe bakujabulela kakhulu ukufika kukaNomandela.

“Siyajabula ukuqinisa isikwadi sethu ngomunye umdlali onekhono namava. ULuyolo uzodlala indima enkulu eqenjini kule midlalo esele yesizini ka-2020/2021,” kubeka uGwambi.

IChilli Boys isanda kuchitha obeyiqeqesha uDan Malesela njengoba kubambe uGwambi kuze kube sekupheleni kwesizini.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.