Unombolo 10: Umthwalo ususemahlombe kaDolly kwiChiefs

Unombolo 10: Umthwalo ususemahlombe kwDolly kwiChiefs
UDABA: Sthembiso Ngobese
ISITHOMBE: Kaizer Chiefs

Uhlalelwe ngumsebenzi onzima wokubuyisa isithunzi sejezi unombolo 10 kwiKaizer Chiefs uKeagan Dolly. Lo mdlali wasesiswini usanda kujoyina leli qembu lasePhefeni eliqeqeshwa nguStuart Baxter.

Ngesonto eledlule iChiefs ijabulise abalandeli bayo imemezela ukuthi ibambe ufishi omkhulu ngesikhathi isayinisa uDolly iminyaka emithathu.

Lesi simemezelo besihambisana nokusayiniswa kukaCole Alexander okulindeleke abe yinjini esiswini. UDolly, udabuka eWestbury, eGoli.

Ujoyina Amakhosi nje ubekade egijima kwiMontpellier edlala kuLigue 1 yaseFrance abesedlale kuyona amasizini amane nohhafu.

Okugqame kakhulu ngokwethulwa kukaDolly njengomdlali omusha weChiefs kube wukugixabezwa kwakhe ngejezi unombolo 10.

Lokhu kuqubule imvunge kwabanye abathandi bebhola bezeseka ngokuthi uhlushwa wukulimala njalo nokumenza angabi senkundleni isikhathi esiningi.

Abanye bathi limfanele impela leli jezi. Bebezeseka ngokuthi ungumdlali oseqophelweni eliphezulu njengoba ekukhombisile lokhu kumasizini ambalwa edlule ngesikhathi esagijima kwiMamelodi Sundowns.

Emlandweni webhola emhlabeni-jikelele, le nombolo ijwayele ukunikezwa abadlali abanethalente elingandele bani. Uma umdlali ethwele lona eqenjini lakhe kusuke kubhekwe imilingo yodwa kuye.

Kanti kubadlali bomhlaba abazakhele igama bedlubhe unombolo 10 singabala uPele waseBrazil, uDiego Maradona, uLionel Messi bobabili base-Argentina.

UZinedine Zidane waseFrance, u-Alessandro Del Piero wase-Italy, uRivaldo, uRonaldihno bobabili baseBrazil.

Kuleli singaba u-Ephraim “Jomo” Sono oyinkakha ye-Orlando Pirates nokuze kube kube yimanje leli jezi aligqokwa kweZimnyama. Kuhlonihswa ikhono elimangalisayo ayenalo ngesikhathi esadlala eminyakeni edlule.

Kumasizini ambalwa edlule kwiChiefs, ijezi unombolo 10 selihlule abadlali abaningi okwakubhekwe lukhulu kubo. Bafika banikwa lona ngoba kubhekwe ukuthi bazofike bagile izimanga kodwa nokho izinto zafike zangabahambela kahle.

Phakathi kwabadlali abahluleka bancama ukuqhakaza kuMakhosi bethwele leli jezi, singabala uSongwe Chalwe waseZambia, Tony Ilodigwe waseNigeria, Jerome McCarthy ongumnewabo kaBenni McCarthy.

FUNDA NALA: UKatsande uthi usazolifaka phansi igeja naseqenjini lakhe elisha iSekhukhune

NoMichael Nkambule, uMthokozisi “Diski Dance” Yende, uSiyabonga “Doctor” Nkosi , uKeagan Buchanan noSphelele “Stash” Ntshangase singababala ukukha nje phezulu.

Umdlali owagcina eshiye leli jezi linesithunzi kwiChiefs nguStanton “Stiga” Fredericks. Izinkakha zaMakhosi ezifana noZebulon “Sputla” Nhlapho, Absalom “Scara” Thindwa no-Isaac “Shakes” Khungoane (ongasekho) nazo zayibeka induku ebandla ngesikhathi zigqoke leli jezi.

Njengamanje ingcabha kanombolo 10 kwiChiefs ibukeka isibhekene noDolly kanti ke akwaziwa ukuthi ngabe uzokwazi yini ukumelana naleli jezi. Noma naye uzolandela abadlali esibabale ngenhla abehluleka ukugqama ngesikhathi benikwe lona.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.