UNomeva uyidansele qede wayithela othulini imbangi

UNomeva uyidansele qede wayithela othulini imbangi
UXolisani "Nomeva" Ndongeni
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

UXolisani “Nomeva” Ndongeni ungene eriningi ngengoma ekhuluma ngaye, wayidansela kwachazeka wonke umuntu kwashoda khona ukuthi bekungekho zihlwele.

UNomeva ubengena eringini eyolwa noPeter “The Sniper” Pambeni bebanga ibhande leWorld Boxing Association ezingeni lePan African esisindweni se-junior welterweight.

Ukudansa kwakhe ukuqhubile noma esesenkundleni njengoba eyiqumbe phansi le mbangi yakhe yaseZimbabwe ngomzuliswano wesithathu. Ekhuluma ngemuva kwempi, uNomeva uthe le wini ukwenzele indodakazi yakhe esanda kuzalwa.

“Ngingene kule mpi nginenhloso yokuhlonipha indodakazi yami nokukhombisa ikomidi eliklelisa abashayisibhakela kwiWBA ukuthi sengikulungele ukukleliswa kulesi sisindo sami esisha,” ucashunswe esho kanje uNomeva kwiSowetan.

UNomeva ubelwa esisindweni se-lightweight phambilini. Useke waphatha isicoco eziningi ezehlukene kodwa ukwehlulwa kwakhe ngo-2019 kwamphazamisa kakhulu. Nokho ubukeka esevukile manje.

Inhngano eyengamele amankoomane, iBoxing South Africa seyimemezele ukuthi izimpi ebese zivele zihleliwe ukuba zilwe ngaphambi kokunyuselwa kwekuLevel 4 yokuvalwa kwalo, zizoqhubeka.

FUNDA NALA: IKaizer Chiefs icathamela isitobha seRichards Bay

Ngokusho kwebamba lesikhulu esiphezulu kule nhlangano, uCindy Nkomo akukho okuzojika. Kade sekunetwetwe kubahleli bezimpi zamankomane nakumabhokisa ngokuthi sekuzobuya indlala.

Kuzokhumbuleka ukuthi umdlalo wamankomane kuleli ngomunye wenganakwa kakhulu nguhulumeni. Lo mdlalo ukhungethwe kakhulu yizinkinga njengoba amabhokisa amaningi engasebenzi kodwa eziphilisa ngokushaya isibhakela.

Kunezimpi ezihleliwe ezifundazweni ezehlukene ngenyanga kaJulayi. UCindy unxuse abaphathi bamajimu ukuthi baqinisekise ukuthi amabhokisa nabaqeqeshi bayayilandela imigomo nezinqubo ezibekelwe ukuvimba ukubhebhetheka kweCovid-19 kuleli.

BUKA!: UNomeva edansa eya eriningini

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.