Unompempe uyena owanquma umphumela, kusho iSafa

Unompempe uyena owanquma umphumela, kusho iSafa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

ISafa ayikhali ngephenathi eyabekwa unompempe uMaguette N’Diay ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene neGhana emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Le phenathi yasusa umsindo omkhulu kodwa sekuvelile ukuthi yayifanele ibekwe yize wayengaziba nje unompempe kungakhali muntu.

ISafa seyigxume yahlala yafaka isikhalo kwiFIFA ukuba ike iphenye ngendlela unompempe ayephethe ngayo umdlalo okuthi izenzo zakhe ezanquma umphumela wawo.

Lo mdlalo bewungeSonto eCape Coast Stadium eGhana kanti iBafana beyidinga ukuthi idlale ngokulingana ukuze idlulele phambili.

Nokho iGhana yagcina iwine ngo 1-0, kwehla izidlathi kwiBafana nabalandeli bayo kuleli.

ISafa ithi seyinabo ubufakazi bokuthi unompempe nguye owanquma ngompumela walo mdlalo ngenxa yezinqumo zakhe ezibheke eDundee.

Ngaphambi kokuthi kuze kudaleke iphenathi, kwakungamele iGhana inikwe lekhona eyayithola.

Ngokuka-Ace Ncobo ziningi nezinye izinqumo eziveze ukuthi uN’Diay wayenzelela kwiGhana.

Umengameli weSafa uDanny Jordaan ukhale ngokuthi kwenyuka kakhulu ukubheja ngokuthi iBafana izodliwa kulo mdlalo ngaphambi kokuthi uqale.

FUNDA NALA: UDe Reuck uthi kumele uphindwe umdlalo weBafana neGhana

“Sikhathazekile ngezinqumo ezithile ezathathwa kulo mdlalo,” kusho uJordaan kwabezindaba ngoLwesithathu.

“Sikholwa wukuthi kwaba nokwenzelela ukuqinisekisa umphumela walo mdlalo uvuna uhlangothi oluthile.

“Kunobufakazi bokuthi kwakubhejiwe kulo mdlalo. Kwenyuka kakhulu ukubheja ngaphambi kwale phenathi eyabekwa idla thina,” kuchaza uJordaan.

UNcobo uthe kwaba nokwenzelela okukhulu kulo mdlalo kanti izinqumo eziningi zazivuna iGhana.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.