UNomvelo unconywa ngokuhlela izimpi ezingenazihibe

UNomvelo unconywa ngokuhlela izimpi ezingenazihibe
UNomvelo Magcaba-Shezi noDuduzane Zuma
Alfred Ngubane

Umnyango wezemidlalo waKwaZulu-Natal usuchome uphaphe legwalagwala umhleli wezimpi okhula ngamandla uNomvelo Magcaba-Shezi.

Lo mnyango uthi uNomvelo uyabadida kwabona ngendlela ahleleke ngayo ngathi kade awuqala lo msebenzi kanti yikhathi ezohlanganisa iminyaka emine ewenza.

Isikhulu esiphezulu salo mnyango UVijay Balram uncoma uNomvelo ngokwenza umsebenzi omuhle ngokuhlela izimpi ezinohlonzo nempatho enhle kumabhokisa, izikhulu nezimenywa ezimpini zakhe.

“Ukuqonda kahle ukuthi yibhizinisi leli futhi nokumaketha izimpi ukwenza kahle impela. Unokuxhumana okuhle nazo zonke izinhlaka ezifanelekile,” kusho uBalram.

Ekhuluma neMpempe, uNomvelo uthi ukuqonda kahle ubuhlungu bokubhuntsha kwezimpi njengoba wayengumshayisibhakela naye phambilini.

Uthi yingakho amalungiselelo ewaqala njalo uma kuphela izimpi asuke kade ezihlelile, eselungela ezilandelayo.

Izimpi uzihlela ngenkece yakhe ephuma ephaketheni lakhe bese umnyango uyamelekelela lapho kudingeka khona.

“Amabhokisa angabantu ababaluleke kakhulu ngakho izimpi ngeke zibe khona ngaphandle kwabo.

FUNDA NALA: IBaroka ilokhu imbulala kancane kancane uThobejane

“Ngathatha isinqumo sokuthi ngizotakula lo mkhumbi wezamankomane ngoba umdlalo engikhule ngawo, engikhulele kuwo nengiwuqonda kahle,” kusho yena.

Wethembise ukuthi ngeke aze abaphoxe labo abakhombisa ukumeseka nokumethemba futhi kuzohlala kunomuzwa omnandi kubona ukudlala ngaphansi kwMvelo Boxing Promotion.

Uphinde wathembisa izinga eliphezulu ezimpini ezizayo azihlelayo. Le ntokazi enguMzala kaThabiso Mchunu, ibalwa nabahleli bezimpi abahamba phambili.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.