UNomvete uthi akulandelwe isibonelo seCameroon ngabazophatha ibhola

UNomvete uthi akulandelwe isibonelo seCameroon ngabazophatha ibhola
USamuel Eto'o
Alfred Ngubane

USiyabonga Nomvete owayeyisibabuli somgadli kwiBafana Bafana ukholwa wukuthi ukuqokwa kukaSamuel Eto’o abe ngumengameli weCameroon Football Federation yisibonelo esihle okumele silandelwe nangamanye amazwe.

U-Eto’o uqokelwe kulesi sikhundla ngoDIsemba nyakenye kanti sekunconywe kaniningi ezinhlakeni ezehlukene zebhola.

Wayengumgadli weqembu lesizwe lakhona eCameroon i-Indomitable Lions kanti sekunezinguquko ezikhomba ukuthi uzolungisa asezenzile kusukela eqokiwe.

Phakathi kwazo kube wukuqasha ababedlala naye kwi-Indomitable Lions uRigobert Song njengomqeqeshi weqembu lesizwe.

“Yinto enkulu futhi siyayijabulela ukuthi iyenzeka ikakhulukazi ngoba babengabadlali abakhulu,” kusho uNomvete.

“Badlalile ezingeni eliphezulu nakumaligi amakhulu emhlabeni, bazakhela igama. Kubalulekile ukuthi abantu abafana nabo bathole izikhundla eziphezulu.

“Lokhu kuzokwenza bakwazi ukudlulisela ulwazi asebelutholile. Lento isibuyisela ekutheni vele kumele kunikwe abebedlala ithuba lokusa phambili ibhola lethu.

FUNDA NALA: Elinye ifu elimnyama kwiCosmos kushona umdlali

“Ukuqokwa kwakhe kukhomba ukuthi sesiyibonile indlela okumele kuhanjwe ngayo,” kuchaza uBhele.

NoDidier Drogba wase-Ivory Coast uzamile ukuphatha ibhola ngakubo nokho yena kwambhimbela njengoba engawatholanga amavoti.

Nalapha eNingizimu Afrika uDoctor Khumalo usanda kuvsa umhlwenga kwabaningi ebuza ngokuthi kungani abadlali bakudala bezitshwa ezinhlakeni zeSafa.

Lokhu kuqale phansi izimpikiswano ngokuthi ngubani okumele ngabe nguye ophethe le nhlangano kanti abaningi ezinkundleni zokuxhumana bancoma uLucas Radebe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.